Ukumbelwa kukaJakobe
1UJosefa wawa ebusweni bukayise, wakhala phezu kwakhe, wamanga.
2UJosefa wayala izinceku zakhe izinyanga ukuba zimgqumise uyise ngemithi; izinyanga zamgqumisa-ke uIsrayeli ngemithi.
3Zaphelela izinsuku zakhe ezingamashumi amane, ngokuba ziphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa ngemithi; abaseGibithe bamkhalela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa.
4Sezidlulile izinsuku zokumkhalela, uJosefa wakhuluma kuyo indlu kaFaro, wathi: Uma ngifumene umusa emehlweni enu, ake nikhulume ezindlebeni zikaFaro ngokuthi
5ubaba wangifungisa wathi: Bheka, ngiyafa; ethuneni engizimbele lona ezweni laseKhanani uzakungingcwaba kulo. Ngalokho ake ngikhuphuke, ngimmbele ubaba, besengibuya.
6Wayesethi uFaro: Khuphuka, ummbele uyihlo njengokukufungisa kwakhe.
7Khona uJosefa wakhuphuka ukuyommbela uyise; zakhuphuka naye zonke izinceku zikaFaro, nezikhulu zendlu yakhe, nezikhulu zonke zezwe laseGibithe,
8nendlu yonke kaJosefa, nabafowabo, nendlu kayise; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela.
9Kwakhuphuka nabo nezinqola, nabamahashi; kwaba-yibandla elikhulu impela.
10Baya, bafika eGoreni-Hathadi elingaphesheya kweJordani; lapho bakhala nokukhala impela, okunzima kakhulu; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.
11Abakhileyo ezweni, amaKhanani, sebeboné isililo eGoreni-Hathadi bathi: Lokhu kuyisililo esinzima sabaseGibithe; ngalokho igama laleyondawo laqanjwa ngokuthi iAbela-Misirayimi* elingaphesheya kweJordani.
12Amadodana akhe amenzela njengalokho ewayalile;
13ngokuba amadodana akhe amyisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wasensimini yaseMakaphela, uAbrahama awuthenga kanye nensimu kuEfroni umHeti, ube-yindawo yokumbela, ngaphambi kweMamre.
14UJosefa wayesebuyela eGibithe, yena nabafowabo, nabo bonke ababekhuphuké naye ukummbela uyise, emva kokungcwaba kwakhe uyise.
15Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile, bathi: Mhlawumbe UJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena.
16Base bethumela kuJosefa, bethi: Uyihlo wayala engakafi, wathi:
17Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba bakwenzela okubi; manje siyakucela ukuthi: Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo. UJosefa wakhala, besakhuluma kuye.
18Base befika nabafowabo, bawa phansi ebusweni bakhe, bathi: Bheka, siyizinceku zakho.
19UJosefa wayesethi kubo: Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na?
20Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwabakuhle ukuba akwenze kube-njenganamuhla, asindise abantu abaningi.
21Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu. Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.
Ukufa kukaJosefa
22UJosefa wahlala eGibithe, yena nendlu kayise; uJosefa wahamba iminyaka eyikhulu neshumi.
23UJosefa wabona abantwana bakwaEfrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa.
24Wayesethi uJosefa kubafowabo: Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kulelizwe, aniyise ezweni alifungela oAbrahama, noIsaka, noJakobe.
25UJosefa wayesefungisa amadodana kaIsrayeli, ethi: UNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, nina nikhuphule amathambo ami lapha.
26Wayesefa uJosefa eneminyaka eyikhulu neshumi; bamgqumisa ngemithi, wafakwa ebhokisini eGibithe.