Umpristi omkhulu ufanele abe-ngumuntu obiziwe nguNkulunkulu
1Ngokuba yilowo nalowompristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;
2angabekezelela abangazi-lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka;
3ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe.
4Akukho-muntu ozithathela lesosikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengoAroni.
UKristu ungumpristi obiziweyo
5Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe-ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi:
UyiNdodana yami wena,
namuhla ngikuzele,
6njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi:
Wena ungumpristi kuze kube-phakade
ngokokuma kukaMelkisedeki,
7owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
8Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho;
9esephelelisiwe waba-yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,
10ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.
Basengabantwana ekukholweni
11Sinokuningi esingakusho ngalokho, okulukhuni ukuchasisela, lokhu senababuthuntu ekuzweni.
12Ngokuba noma benifanele ukuba nibe-ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube-khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba-ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo.
13Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi-lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane.
14Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.