Ukuthandwa kukaIsrayeli nguNkulunkulu
1Lapho uIsrayeli esengumntwana ngamthanda,
ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.
2Lapho bebabiza, kwaba-yilokhu besuka kubo;
babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.
3Nokho mina ngamcathulisa uEfrayimi;
ngabaphatha ngezingalo zami,
kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.
4Ngabadonsa ngezintambo zomuntu,
ngamagoda othando;
ngaba-kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo,
ngagobela kubo, ngabanika ukudla.
5Abayikubuyela ezweni laseGibithe,
owaseAsiriya abe-yinkosi yabo,
ngokuba benqaba ukubuya, na?
6Inkemba iyakutheleka emizini yabo,
iqede imigoqo yayo,
ibadle ngenxa yeziluleko zabo.
7Abantu bami bahlosé ukuhlehla kimi;
noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani,
akakho oziphakamisayo.
8Ngingakunikela kanjani, Efrayimi,
ngikukhaphele, Israyeli, na?
Ngingakwenza kanjani ube-njengeAdima,
ngikubeke ufane neSeboyimi, na?
Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami,
sonke isihawu sami sivusiwe.
9Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami,
ngingabuyeli ukumchitha uEfrayimi,
ngokuba nginguNkulunkulu,
angisiye umuntu;
ngingoNgcwele phakathi kwenu,
angiyikufika ngolaka.
10Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama,
ngokuba uyakubhonga,
abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.
11Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni,
nanjengejuba ezweni laseAsiriya,
ngibahlalise ezindlini zabo, usho uJehova.
12UEfrayimi ungizungezile ngamanga,
nendlu yakwaIsrayeli ngenkohliso;
uJuda usazulazula kuNkulunkulu
nakoNgcwele othembekileyo.