1Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe, abuye amkhethe uIsrayeli, ababeke ezweni lakubo; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo, banamathele endlini kaJakobe.
2Abantu bayakubathatha, babayise ezindaweni zabo; indlu yakwaIsrayeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova, babe-yizinceku nezincekukazi, babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo, babuse phezu kwabacindezeli babo.
3Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,
4uphakamise lesisaga ngenkosi yaseBabele, uthi:
Yeka ukuphela komcindezeli
nokugcina kokubhensa!
5UJehova waphulile udondolo lwababi
nentonga yababusi
6eyashaya abantu ngentukuthelo
ngokushaya okunganqamukiyo,
eyabusa izizwe ngolaka
ngokuzingela okunganqandwanga.
7Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula;
baqhumuka ngokuhlabelela.
8Yebo, nemisayipuresi* ithokoza ngawe,
kanye nemisedari* yaseLebanoni, ngokuthi:
Selokhu walaliswa phansi,
akakho umgawuli okhuphukela kithina.
9Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiwe
ukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho,
ikuvusele izithunzi,
zonke izikhulu zomhlaba,
isukumise onke amakhosi ezizwe
ezihlalweni zawo zobukhosi.
10Onke ayakuthatha athi kuwe:
Nawe usubuthakathaka njengathi,
usufana nathi, na?
11Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo,
umsindo wezingubhu zenu;
izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho,
nezibungu ziyakusibekela.
12Yeka ukuwa kwakho ezulwini,
khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa,
nokunqunyelwa kwakho phansi,
wena owawuthobisa izizwe.
13Wena wathi enhliziyweni yakho:
Ngiyakukhuphukela ezulwini,
ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi
phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu,
ngihlale entabeni yomhlangano
ngasekugcineni kwasenyakatho.
14Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu,
ngizenze ngibe-ngangoPhezukonke.
15Kepha uyakuwehliselwa endaweni yabafileyo,
ekugcineni komgodi.
16Abakubonayo bayakugqolozela,
bakuqaphele, bathi:
Nguye lomuntu owawuzamazamisa umhlaba,
wanyakazisa imibuso,
17owenza izwe laba-yihlane,
wayichitha imizi yalo,
akavumela iziboshwa zakhe
ukuba zigoduke, na?
18Onke amakhosi ezizwe,
onke alala ngodumo,
yileyo naleyo endlini yayo.
19Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho
njengegatsha elinengekayo,
ligqokwé ngababuleweyo,
abahlatshwé yinkemba,
abehlela ematsheni omgodi
njengesidumbu esinyathelweyo.
20Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni,
ngokuba uchithile izwe lakho,
wabulala abantu bakho;
inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade.
21Lungiselani abantwana bakhe ukubulawa
ngobubi bawoyise,
ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba,
bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.
22Ngiyakubavukela, usho uJehova-Sebawoti, nginqume eBabele igama, nensali, nendodana, nomzukulwana, usho uJehova.
23Ngiyakulenza libe-yifa likanondwebu namachibi amanzi, ngilishanele ngomshanelo wencithakalo, usho uJehova-Sebawoti.
Isiprofetho ngeAsiriya
24UJehova-Sebawoti ufungile, wathi:
Impela njengokulinganisa kwami
kuyakuba-njalo,
nanjengokunquma kwami
kuyakuma kanjalo
25ukuthi ngiyakumaphula owaseAsiriya ezweni lami,
ngimnyathele phansi ezintabeni zami;
beselisuka kubo ijoka lakhe,
nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.
26Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke;
yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.
27Ngokuba uJehova-Sebawoti unqumile;
ngubani ongakuchitha na?
Isandla sakhe singeseluliweyo;
ngubani ongasibuyisa na?
Isiprofetho ngeFilistiya
28Ngomnyaka wokufa kwenkosi uAhazi kwavela lesisiprofetho.
29Ungathokozi wena-Filistiya lonke
ngokuthi intonga ekushayileyo yaphukile,
ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu,
nenzalo yalo iyakuba-yinyoka endizayo.
30Amazibulo abampofu ayakuklaba,
nabaswelayo bayakulala belondekile;
ngiyakubulala impande yakho ngendlala,
nensali yakho iyakubhujiswa.
31Hewula wena-sango, dazuluka wenamuzi,
phela amandla wena-Filistiya lonke!
Ngokuba enyakatho kuvela umusi;
akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.
32Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na?
Ukuthi nguJehova obeké isisekelo eSiyoni;
abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.