1Thumani amawundlu ombusi wezwe
aphume eSela ngasehlane,
aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.
2Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo,
njengamaphuphu ahlakazekileyo,
abe-njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni aseArinoni.
3Lulekanani, nenze izinqumo,
ubeke isithunzi sakho njengobusuku
phakathi kwemini,
nithukuse abaxoshiweyo,
ningadaluli ababalekileyo.
4Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe;
mawube-yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.
Lapho umcindezeli esephelile,
nokuchitha sekuyekiwe,
nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,
5kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa,
kuhlale kuso ngeqiniso
etendeni likaDavide
umahluleli efuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.
6Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi
ukuthi uphakeme kakhulu,
nangokuzidla kwakhe nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhe
nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.
7Ngalokho uMowabi uyakuhewula ngoMowabi;
bonke bayakuhewula.
Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo zaseKhiri-Haresheti
nidabukile kakhulu.
8Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunile
kanye nomvini waseSibima;
amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;
afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;
amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.
9Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibima
njengokukhala kweJazeri,
ngikumatise, Heshiboni, ngezinyembezi zami,
nawe-Elehale,
ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakho
kuwile ukumemeza kwempi.
10Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini;
nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa;
abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;
ngenzé ukuba kuphele ukumemeza.
11Ngalokho inhliziyo yami iyakhala njengehabhu* ngoMowabi,
nokuphakathi kwami ngeKhiri-Heresi.
12Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala,
azikhathaze endaweni ephakemeyo,
aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze,
angaphumeleli.
13Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngalesosikhathi.
14Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba-ncane kakhulu, ingabi-namandla.