Ukujeziswa kokungalaleli kwabakwaIsrayeli
1Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali, yaya eBokimi. Yathi: Nganikhuphula eGibithe, nginilethile ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: Angisoze ngaphula kuze kube-phakade isivumelwano sami nani,
2kepha aniyikwenza-sivumelwano nabakhé kulelizwe; niyakudiliza ama-altare abo. Kodwa anililalelanga izwi lami. Nenzeleni lokho na?
3Ngalokho ngithi manje: Angiyikubaxosha phambi kwenu, kepha bayakubasezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo babe-lugibe kini.
4Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawomazwi kubo bonke abantwana bakwaIsrayeli, abantu badazuluka, bakhala.
5Baqamba igama laleyondawo ngokuthi iBokimi, bahlabela uJehova khona.
6UJoshuwa esemukisile abantu, abantwana bakwaIsrayeli bahamba, yilowo nalowo waya efeni lakhe ukuba balidle izwe.
7Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele uIsrayeli.
8UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.
9Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati-Heresi ezintabeni zakwaEfrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.
10Naso sonke lesosizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele uIsrayeli.
11Abantwana bakwaIsrayeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali;
12bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova.
13Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali noAshitaroti.
14Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwaIsrayeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba-nakuma phambi kwezitha zabo.
15Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.
16UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo.
17Nabahluleli ababalalelanga, ngokuba baya baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela; baphambuka masinyane endleleni abahamba ngayo oyise, belalela imiyalo kaJehova; bona abenzanga njalo.
Isimo sesikhathi sabahluleli
18Lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli, ngokuba uJehova waba-nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.
19Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva, bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani.
20Intukuthelo kaJehova yavuthela uIsrayeli, wathi: Ngokuba lesisizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami,
21angiyikuphinda ngixoshe phambi kwabo noyedwa walezozizwe azishiyayo uJoshuwa ekufeni kwakhe,
22ukuze ngivivinye ngazo uIsrayeli, uma beyakugcina indlela kaJehova ukuba bahambe ngayo njengalokho oyise bebeyigcina, noma qha.
23UJehova wayeseyeka lezozizwe zingaxoshwa masinyane, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.