Ihubo likaDebora noBaraki
1Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolosuku, bethi:
2Ngokuba abaholi beholile kwaIsrayeli,
ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo,
bongani uJehova.
3Yizwani nina-makhosi; bekani indlebe nina-zikhulu;
mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova,
ngihubele kuJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.
4Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri,
ekusukeni kwakho ezweni akwaEdomi
umhlaba wazamazama, namazulu aconsa,
yebo, amafu aconsa amanzi.
5Izintaba zathuthumela ebusweni bukaJehova,
yebo, nalo iSinayi lelo,
ebusweni bukaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.
6Ezinsukwini zikaShamgari indodana ka-Anati,
ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe;
ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo.
7Abaholi baphela kwaIsrayeli, banqamuka,
ngaze ngavuka mina-Debora,
ngavuka ngingunina kwaIsrayeli.
8Bakhetha onkulunkulu abasha;
lapho kwafika impi emasangweni;
kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini
phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwaIsrayeli na?
9Inhliziyo yami ikubabusi bakwaIsrayeli
abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu;
bongani uJehova.
10Nina enigibela izimbongolo ezimhlophe,
nina enihlezi emacansini,
nani enihamba ngendlela, kulandeni.
11Ekwahlukaniseni impango phakathi kwemiqengqe yamanzi
balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova,
ukulunga kokubusa kwakhe kwaIsrayeli;
khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.
12Vuka, vuka, Debora!
Vuka, vuka, uhube ihubo!
Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho,
wena-ndodana ka-Abinohama!
13Khona wayenza insali ukuba ibuse abakhulu;
abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga.
14Kwavela kwaEfrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki;
emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho.
KwaMakiri kwavela ababusi, kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.
15Izikhulu zakwaIsakare zazinaye uDebora;
njengoIsakare, kanjalo noBaraki;
behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe.
Ngaseminonjaneni yakwaRubeni
kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.
16Wahlalelani ezibayeni zezimvu
ukuzwa ikhwelo lemihlambi na?
Ngaseminonjaneni yakwaRubeni
kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.
17UGileyadi wahlala phesheya kweJordani;
uDani walibalelani emikhunjini na?
UAsheri wahlala ngasogwini lolwandle,
wasala ngasemathekwini akhe.
18UZebuloni wayengabantu abazidela kwaze kwaba-sekufeni,
uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.
19Amakhosi afika alwa,
alwa amakhosi aseKhanani
eThahanaki ngasemanzini aseMegido;
awathathanga-nzuzo yamali.
20Kwaliwa ezulwini;
izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.
21Umfudlana iKishoni wabakhukhula,
umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni.
Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.
22Khona zadubuza izinselo zamahashi
ngokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo.
23Qalekisani iMerozi, kwasho ingelosi kaJehova;
qalekisani nokuqalekisa abantu balo,
ngokuba abezanga ukumsiza uJehova
ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.
24Uyakubusiswa phezu kwabesifazane uJayeli
umkaHebere umKheni,
abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni.
25Wacela amanzi, wamupha ubisi,
wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.
26Wafaka isandla sakhe esikhonkwaneni,
esokunene sakhe esandweni sezisebenzi;
ngesando wamshaya uSisera,
wadebeza ikhanda lakhe,
yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.
27Wakhothama ngasezinyaweni zakhe, wawa, walala;
ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa;
lapho wakhothama khona, wawela khona efile.
28Wabheka efasiteleni, wamemeza,
unina kaSisera wathi eheleni:
Inqola yakhe ilibalelani ukufika na?
Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?
29Amakhosazana akhe ahlakaniphileyo amphendula,
yebo, wazibuyisela yena uqobo impendulo ngokuthi:
30Angithi batholile babelana impango?
Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye;
kuSisera impango yezingubo ezinemibala,
impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo;
izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zabayimpango.
31Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova;
kepha abamthandayo mababe-njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.
Izwe selaba-nokuthula iminyaka engamashumi amane.