Isiprofetho ngokunqoba kukaNebukadinesari
1Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ongumnyaka wokuqala kaNebukadiresari inkosi yaseBabele,
2alikhulumayo uJeremiya umprofethi kubo bonke abantu bakwaJuda nakubo bonke abakhileyo eJerusalema, ethi:
3Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube-namuhla, leminyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.
4UJehova uthumile kini zonke izinceku zakhe abaprofethi, ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe
5lapho kwathiwa: Ake nibuye, kube-yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova aliniké nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube-phakade,
6ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona angiyakunenzela okubi.
7Kepha aningilalelanga, usho uJehova, naze nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu, kwaba-kubi kini.
8Ngalokho usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ngenxa yokuba ningawalalelanga amazwi ami,
9bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho, usho uJehova, noNebukadiresari inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwalelizwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezizizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe-yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.
10Futhi ngiyakususa kubo izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, nomsindo wamatshe okugaya nokukhanya kwesibani.
11Izwe lonke leli liyakuba-yincithakalo nesimangaliso, nalezizizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.
12Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isigcwalisekile, ngihambele inkosi yaseBabele nesizwe leso, usho uJehova, ngobubi babo, kanye nezwe lamaKaledi, ngilenze libe-yincithakalo ephakade.
13Ngiyakwehlisela phezu kwalelozwe onke amazwi ami engiwakhulumé phezu kwalo, konke okulotshwé kulencwadi, uJeremiya akuprofethile ngazo zonke izizwe.
14Ngokuba bayakukhonziswa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiphindise kubo ngezenzo zabo nangemisebenzi yezandla zabo.
15Ngokuba washo kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli kimi, wathi: Thatha lendebe yewayini lokufutheka esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.
16Ziyakuphuza, zintengantenge, zihlanye ngaphambi kwenkemba engiyakuyithuma phakathi kwazo.
17Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaJehova, ngaziphuzisa zonke izizwe uJehova angithuma kuzo:
18iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube-yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla;
19kanye noFaro inkosi yaseGibithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabantu bakhe bonke,
20nayo yonke ingxubevange yabantu; onke amakhosi aseUzi, nawo onke amakhosi asezweni lamaFilisti eAshikeloni, naseGaza, nase-Ekroni, nensali yaseAshidodi;
21oEdomi, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni,
22nawo onke amakhosi aseTire, nawo onke amakhosi aseSidoni, namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;
23iDedani, neThema, neBuzi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,
24nawo onke amakhosi aseArabiya, nawo onke amakhosi engxubevange yabantu ehlala ehlane,
25nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi aseMediya,
26nawo onke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.
27Uyakusho kubo ukuthi: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.
28Kuyakuthi lapho bala ukuthatha indebe esandleni sakho ukuba bayiphuze, usho kubo ukuthi: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Impela niyakuphuza.
29Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwé ngegama lami; nina beniyakuba-ngabangenacala na? Aniyikuba-ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova-Sebawoti.
30Manje, profetha kubo onke lawamazwi, uthi kubo:
UJehova uyakuduma ephezulu,
aliphumise izwi lakhe esendaweni yakhe engcwele;
uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe,
amemeze njengabanyathela iwayini
kubo bonke abakhileyo emhlabeni.
31Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba,
ngokuba uJehova uyamelana nezizwe;
uyahlulela inyama yonke,
kepha ababi uyakubanikela enkembeni,
usho uJehova.
32Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi:
Bheka, okubi kuyaphuma kwesinye isizwe kuye kwesinye,
nesivunguvungu siyavuswa emikhawulweni yomhlaba.
33Ngalolosuku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba-ngumquba ebusweni bomhlaba.
34Hewulani nina-belusi, nikhale,
nihuquzele emlotheni nina-zikhulu zomhlambi,
ngokuba seziphelele izinsuku zenu zokuba nihlatshwe,
nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.
35Abelusi abayikuba-nandawo ukubalekela kuyo,
izikhulu zomhlambi zingabi-nasiphephelo.
36Yizwi lokukhala kwabelusi,
nokuhewula kwezikhulu zomhlambi,
ngokuba uJehova uyachitha idlelo labo,
37nezibaya ezithuleyo ziqediwe
ngenxa yokufutheka kolaka oluvuthayo lukaJehova.
38Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama,
ngokuba izwe labo seliyincithakalo
ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelayo
nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.