Isiprofetho ngamaFilisti
1Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.
2Usho kanje uJehova, uthi:
Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho,
abe-ngumfula okhukhulayo,
akhukhule izwe nokugcwala kwalo,
umuzi nabakhileyo kuwo;
abantu bayakukhala,
bonke abakhileyo ezweni bahewule.
3Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahashi akhe anamandla,
nangokuduma kwezinqola zakhe,
nangodumo lwamasondo akhe
oyise ababheki emuva kubantwana ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo
4ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti
nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo,
ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti,
insali yesiqhingi saseKafitori.
5Ubumpandla bulehlele iGaza;
iAshikeloni liphelile, insali yesigodi sabo;
uyakuzisika kuze kube-nini na?
6Awu wena-nkemba kaJehova,
koze kube-nini ungathuli na?
Buyela emgodleni wakho,
uthule, uzole.
7Ingathula kanjani, lapho iyalezwé nguJehova, na?
Uyinqumele iAshikeloni nogu lolwandle.