Isidlo sokugcina sikaJesu nabafundi bakhe
1Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kulelizwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba-sekupheleni.
2Sekudliwa, uSathane esekufaké enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,
3uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu,
4wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica.
5Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwicé ngayo.
6Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?
7UJesu waphendula, wathi kuye: Lokhu engikwenzayo awukwazi manje; kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.
8UPetru wathi kuye: Awusoze wageza izinyawo zami naphakade. UJesu waphendula wathi: Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.
9USimoni Petru wathi kuye: Nkosi, akungabi-yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.
10UJesu wathi kuye: Ogeziweyo kadingi-lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.
11Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: Anigezekile nonke.
12Esegezé izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe, wabuye wahlala, wathi kubo: Niyakwazi yini engikwenzile kini na?
13Ningibiza nithi: Mfundisi, Nkosi; nisho kahle, ngokuba ngiyikho.
14Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigezé izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo.
15Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini.
16Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.
17Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.
18Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi:
Odla isinkwa sami
ungiphakamisele isithende sakhe.
19Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki ukuba, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye.
20Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.
UJesu ukhuluma ngokukhashelwa kwakhe
21UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.
22Abafundi babhekana bengabaza ukuthi ukhuluma ngobani.
23Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, enciké esifubeni sikaJesu.
24USimoni Petru wayesemqhweba ethi: Yisho ukuthi ubekhuluma ngobani na?
25Yena enciké esifubeni sikaJesu wathi kuye: Nkosi, ngubani na?
26Ngakho waphendula uJesu, wathi: Yilowo engiyakumcwilisela ucezu, ngimnike lona. Eselucwilisile-ke ucezu, walunika uJuda Iskariyothe.
27Emva kocezu uSathane wayesengena kuye. Wayesethi kuye uJesu: Okwenzayo kwenze masinyane.
28Kepha akabakho kwababehlezi ekudleni owayekwazi lokho ukuthi ukusho ngani kuye.
29Kepha abanye bacabanga ukuthi, ngokuba uJuda ephethe isikhwama, uJesu uthi kuye: Thenga esikuswele emkhosini, noma ukuthi kabele abampofu okuthile.
30Kuthé eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakusebusuku.
Ukukhazimuliswa kukaJesu; umyalo wokuthandana; uJesu uthi uzophikwa nguPetru
31Ngakho esephumile, uJesu wathi: Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo.
32Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane.
33Bantwanyana, ngisekhona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje.
34Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane.
35Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.
36USimoni Petru wathi kuye: Nkosi, uyangaphi na? UJesu waphendula wathi: Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.
37Wathi kuye uPetru: Nkosi, ngingekulandele kalokhu ngani na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.
38UJesu waphendula wathi: Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude alizukukhala, ungakangiphiki kathathu.