Isimangaliso sokuqala sikaJesu
1Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu.
2NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.
3Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: Kabanalo iwayini.
4UJesu wathi kuye: Mame, ungené ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.
5Wathi unina ezincekwini: Nayikuphi akusho kini anokwenza.
6Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwé ngesiko lokuhlamba labaJuda, ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu.
7UJesu wathi ezincekwini: Gcwalisani izimbiza ngamanzi; zazigcwalisa-ke zathi ciki.
8Wayesethi kuzo: Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla; zayisa-ke.
9Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduké iwayini, engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhé amanzi bezazi, umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye:
10Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuzé kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube-manje.
11Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.
Abathengisi ethempelini
12Ngasemva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe, bahlala khona izinsuku ezingeziningi.
13Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.
14Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali.
15Wayesenza inkalivasi* ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula,
16wathi kwabathengisa ngamajuba: Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.
17Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwé ukuthi: Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.
18Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?
19UJesu waphendula, wathi kubo: Bhidlizani lelithempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.
20Ngakho bathi abaJuda: Lelithempeli kwaba-yiminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?
21Kepha wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe.
22Kuthé esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.
23Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo;
24kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke,
25 nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.