Inkulumo yokuqala kaSofari: ngokungazi kwakhe uJobe akaqondi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngalokho makaphenduke
1Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:
2Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na?
Umuntu wephoshophosho angathethelelwa na?
3Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na?
Nalapho ukloloda, akakho ongakuhlaza na?
4Ngokuba uthi: Ukufundisa kwami kulungile;
ngimhlophe emehlweni akho.
5Sengathi uNkulunkulu angakhuluma,
akuvulele izindebe zakhe,
6akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha,
ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi,
uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube-kuhle kuwe,
wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.
7Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na?
Ungamfumana uSomandla kuze kube-sekupheleleni kwakhe na?
8Kuphakeme njengezulu — ungenzani na?
Kujulile kunendawo yabafileyo — ungazini na?
9Isilinganiso sakho side kunomhlaba,
sibanzi kunolwandle.
10Uma edlula, avalele,
abizele ekwahluleleni, ngubani ongamkhalima na?
11Ngokuba uyabazi abantu ababi;
lapho ebona ukona, akayikukunaka na?
12Umuntu oyize uyakuba-nengqondo,
nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe-ngumuntu.
13Uma ulungisa inhliziyo yakho,
welulele izandla zakho kuye;
14uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho,
ungahlalisi ububi ematendeni akho,
15khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni,
uqine, ungesabi.
16Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho,
ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo.
17Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini;
noma kuhlwa, kuyakuba-njengokusa nje.
18Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona;
uyakuphendla, ulale ngokulondeka.
19Uyakulala, ungethuswa-muntu;
abaningi bayakuzincengela kuwe.
20Kepha amehlo ababi ayakufiphala;
abayikuba-nandawo yokuphephela;
ithemba labo liyakuba-ngukuphuma komphefumulo.