Inkulumo yesithathu kaElifazi: uJobe wonile: makaphendukele kuNkulunkulu
1Wayesethatha uElifazi umThemani, wathi:
2Umuntu angaba-yinsizakalo kuNkulunkulu
ukuba ohlakaniphileyo abe-nosizo kuye na?
3Kuyintokozo yini kuSomandla, uma ulungile,
kuyinzuzo kuye, uma wenza izindlela zakho ziphelele, na?
4Kungokumesaba kwakho akusolayo,
angene nawe ekwahlulelweni, na?
5Ububi bakho abubukhulu yini?
Izono zakho azinakuphela.
6Ngokuba uthathé ngeze izibambiso kumfowenu,
wahlubula abampofu izingubo zabo.
7Awumphuzisanga owomileyo amanzi,
wamgodlela olambileyo ukudla.
8Umuntu onamandla, izwe lingelakhe;
onodumo uyahlala kulo.
9Umukisile abafelokazi bengenalutho;
izingalo zezintandane zaphuliwe.
10Ngalokho izingibe ziyakuhaqa;
uvalo oluzumayo luyakwethusa.
11Ukukhanya kwakho kuphenduké ubumnyama, ukuze ungaboni,
nesikhukhula samanzi siyakusibekela.
12UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na?
Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.
13Uthi wena: UNkulunkulu wazini na?
Angahlulela engalé kwesigayegaye na?
14Amafu ayamsibekela ukuze angaboni;
uyahamba esiyingelezini sezulu.
15Uyakugcina indlela yamandulo
eyahanjwa yizoni na?
16Yizo ezahlwithwa kungakabi-yisikhathi,
ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,
17nezathi kuNkulunkulu: Suka kithina,
ngokuba uSomandla ubeyakwenzani kubo na?
18Kepha nguye owayegcwalisa izindlu zabo ngokuhle.
Amasu ababi akude nami.
19Abalungileyo bayakukubona, bathokoze;
abangenasici bayabaklolodela ngokuthi:
20Impela ababesivukela sebechithiwe,
nabakushiyileyo umlilo ukuqedile.
21Mawujwayelane naye, ube-nokuthula;
ngalokho okuhle kuyakufika kuwe.
22Mawamukele umthetho emlonyeni wakhe,
ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.
23Uma ubuyela kuSomandla, uyakwakhiwa,
uma udedisa okubi kude etendeni lakho,
24ubeke igolide lakho othulini,
nelaseOfiri phakathi kwamatshe eminonjana.
25USomandla uyakuba-yigugu lakho,
nesiliva elikhazimulayo kuwe,
26ngokuba lapho uyakuthokoza ngoSomandla,
uphakamisele kuNkulunkulu ubuso bakho.
27Uyakukhuleka kuye, akuzwe,
wena ugcwalise izithembiso zakho.
28Uma unquma indaba, uyakuyenzelwa,
ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.
29Uma zehla, uyakuthi: Phezulu!
abesephakanyiswa ozithobileyo.
30Abantu abangemsulwa uyakubakhulula nabo,
bakhululwe ngobumhlophe bezandla zakho.