UJobe ukhala ngokudelelwa kwakhe. NoNkulunkulu uqobo uyisitha sakhe
1Kepha manje abancane ngeminyaka kunami bayangihleka,
oyise babo engangibadelela
ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.
2Yebo, namandla ezandla zabo angangisiza kanjani,
abantu abaphelile iziphika, na?
3Bondile ngokuswela nangendlala;
baququda ugwadule oluyize, olwaluyilohle nakuqala.
4Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni;
izimpande zezinwele zingukudla kwabo.
5Bayaxoshwa phakathi kwabantu;
bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.
6Bahlala ezigodini ezesabekayo,
nasemihumeni yomhlaba, naseziweni.
7Bayakhonya phakathi kwezihlahla;
phansi kwezimbabazane bayabuthana,
8bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama,
beshaywa, bexoshwa ezweni.
9Manje sengihaywa yibo,
yebo, sengiyisaga sabo.
10Bayanengwa yimi, bemi kude nami;
abayeki ukungikhafulela ngamathe.
11Bakhululile imicilo yabo, bangithobisa;
balahlile itomu phambi kwami.
12Ngakwesokunene kuvuka amachwensa;
agudlumeza izinyawo zami,
anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.
13Achitha umkhondo wami;
asebenzela ukubhujiswa kwami engazibambi.
14Angena kungathi ngesikhala esibanzi;
phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.
15Ingebhe ithululwa phezu kwami;
njengomoya luyaxoshwa udumo lwami;
inhlalakahle yami iyadlula njengefu.
16Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami;
izinsuku zosizi zingibambile.
17Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa, asuke kimi;
ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.
18Ngamandla amakhulu umzimba wami wonakele;
unamathela kimi njengentamo yesambatho sami.
19Ungiphonsile odakeni;
sengifana nothuli nomlotha.
20Ngikhala kuwe, kepha awungiphenduli;
ngimi lapha, uyangibuka nje.
21Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya;
ngamandla esandla sakho uyangizingela.
22Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo,
wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.
23Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni
nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.
24Kepha umuntu angelule isandla sakhe encithakalweni,
akhale uma esengozini, na?
25Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na?
Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na?
26Lapho ngabheka okuhle, kwafika okubi;
ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.
27Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, aziphumuli;
izinsuku zosizi zingehlele.
28Ngihamba ngimnyama, kungenziwanga yilanga;
ngisukuma ebandleni ngikhala.
29Ngingumfowabo wamakhanka,
nomngane wezintshe.
30Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi;
amathambo ami ashile ngokushisa.
31Ihabhu* lami seliphenduké isililo,
nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.