Inkulumo yokuqala kaElifazi: uNkulunkulu ulungile; akakho olungile phambi kukaNkulunkulu
1Wayesethatha uElifazi umThemani, wathi:
2Uma kulingwa ukukhulunywa kuwe, uyakukhathazeka na?
Kepha ngubani ongazibamba, angakhulumi, na?
3Bheka, uqondisile abaningi;
uqinisile izandla ezibuthakathaka.
4Amazwi akho amisile okhubekayo;
usimamisile amadolo athuthumelayo.
5Kepha sekufikile kuwe, uyakhathazeka;
kuyakuthinta wena, uyashaywa luvalo.
6Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini,
nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?
7Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wachithwa engenacala na?
Babhujiswaphi abalungileyo na?
8Njengokubona kwami abalima okubi
bahlwanyela ukona, bayakuvuna.
9Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu;
ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.
10Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela,
namazinyo amabhongo ayaphuka.
11Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango;
amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.
12Kwanyenyiselwa kimi izwi,
indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.
13Ngokudlala kwemicabango ivuswé yimibono yasebusuku,
lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,
14ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela
okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.
15Kwadlula umoya ebusweni bami;
uboya bomzimba wami bavuka.
16Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho;
isimo sasiphambi kwamehlo ami;
kwathula; ngase ngizwa izwi, lathi:
17Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na?
Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?
18Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi,
nezingelosi zakhe uyazibeka icala;
19kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka,
abazisekelo zabo zisothulini,
abachotshozwa njengenundu.
20Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube-kusihlwa;
babhubha kuze kube-phakade benganakwa-muntu.
21Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo,
bafe bengazelele, na?