Izwe liyachithwa yisikhonyane
1Izwi likaJehova elafika kuJoweli indodana kaPhethuweli.
2Yizwani lokhu nina-badala,
nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni.
Kwake kwaba-khona emihleni yenu
noma emihleni yawobaba na?
3Kutsheleni abantwana benu,
nabantwana benu abantwana babo,
nabantwana babo esinye isizukulwane.
4Okushiywé yisibotho
kudliwe yisikhonyane,
nokushiywé yisikhonyane
kudliwe yizinkumbi,
nokushiywé yizinkumbi
kudliwe yinkasa.
5Phaphamani, zidakwa, nikhale,
nihewule nonke eniphuza iwayini
ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.
6Ngokuba kwenyukele ezweni lami
isizwe esinamandla nesingenakubalwa;
amazinyo aso angamazinyo engonyama,
namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.
7Sichithile umvini wami,
saxebula umkhiwane wami;
siwuxhozile nokuwuxhoza,
sawulahla,
amagatsha awo sawenza aba-mhlophe.
8Khala njengentombi ebhincé indwangu yamasaka
ngomyeni wobusha bayo.
9Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova;
abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.
10Amasimu achithekile,
umhlabathi uyalila,
ngokuba amabele achithiwe;
iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.
11Jabhani, balimi, nihewule nina-baphathi bezivini
ngokolweni nangebhali*,
ngokuba isivuno samasimu sichithakele.
12Umvini ubunile,
imikhiwane iwumile;
imipomegranati*, namasundu, nemi-apula*,
nemithi yonke yasendle kubunile,
ngokuba intokozo ibunile
phakathi kwamadodana abantu.
13Bhincani, nikhale, bapristi,
nihewule, nina-zikhonzi zealtare;
wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami,
ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.
14Ngcwelisani ukuzila ukudla,
nibize umhlangano;
buthani amalunga,
yebo, bonke abakhé ezweni,
endlini kaJehova uNkulunkulu wenu,
nikhale kuJehova.
15Hawu lolosuku!
Ngokuba usuku lukaJehova lusondele,
lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.
16Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu,
intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?
17Imbewu iyabola phansi kwamagade ayo;
izingobo zichithakele,
izinqolobane zidiliziwe,
ngokuba amabele omile.
18Yeka, ukububula kwezilwane!
Imihlambi yezinkomo ikhungathekile,
ngokuba ayinadlelo,
yebo, nemihlambi yezimvu izithwesé icala.
19Ngikhala kuwe-Jehova, ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo,
nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.
20Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela,
ngokuba imifula yamanzi ishile,
nomlilo udlile
amadlelo asehlane.