UJehova uyala uJoshuwa ukuwela iJordani
1Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi:
2UMose inceku yami ufile; ngalokho suka uwele leliJordani, wena nalababantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwaIsrayeli.
3Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu ngininikile zona, njengalokho ngakhuluma kuMose.
4Kusukela ehlane nakuleliLebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula uEwufrathe, lonke izwe lamaHeti, nakuze kube-seLwandle oluKhulu ngasentshonalanga, kuyakuba-ngumkhawulo wenu.
5Akuyikubakho-muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba-nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.
6Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba lababantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.
7Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenze ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube-nempumelelo nomaphi lapho uya khona.
8Lencwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwé kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.
9Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi-naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.
10UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu, ethi:
11Dabulani phakathi kwekamu*, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leliJordani, ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze.
Isiyalezo sikaJoshuwa ukuba izizwe zasempumalanga zisize ukunqoba izwe elingasentshonalanga kweJordani
12UJoshuwa wakhuluma kwabakwaRubeni, nabakwaGadi, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase, wathi:
13Khumbulani izwi aniyala ngalo uMose inceku kaJehova, ethi: UJehova uNkulunkulu wenu uyakuniphumuza, aninike lelizwe.
14Omkenu, nabantwana benu, nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina-maqhawe anamandla, nibasize,
15uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.
16Bamphendula uJoshuwa, bathi: Konke osiyalé ngakho siyakukwenza; nomaphi lapho usithuma khona, siyakuya khona.
17Njengalokho samlalela uMose kukho konke, kanjalo siyakulalela wena; kepha kuphela uJehova uNkulunkulu wakho makabe-kuwe njengalokho wayenoMose.
18Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho, angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.