Imikhawulo nemizi yesizwe sakwaJuda
1Isabelo sesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo sasingasemkhawulweni wakwaEdomi nasehlane laseSini ngaseningizimu, ngasekupheleni kweningizimu.
2Umkhawulo wabo waseningizimu wasuka ekupheleni koLwandle lukaSawoti, ethekwini elibheka ngaseningizimu,
3waphuma waya ngaseningizimu kommango waseAkarabimi, wadlula waya eSini, wakhuphuka ngaseningizimu kwaseKadeshi-Barineya, wadlula ngaseHesironi, wenyukela eAdari, wajika waya eKaraka;
4wadlula waya eAsimoni, waya emfuleni waseGibithe; ukuphuma komkhawulo kwakungaselwandle; lowo uyakubangumkhawulo wenu waseningizimu.
5Umkhawulo wasempumalanga wawuluLwandle lukaSawoti kuze kufike ekugcineni kweJordani. Umkhawulo wasohlangothini lwasenyakatho wasuka ethekwini lolwandle ngasekugcineni kweJordani;
6umkhawulo wenyukela eBeti-Hogila, wadlula ngasenyakatho kweBeti-Araba; umkhawulo wakhuphukela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;
7umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini saseAkori ngasenyakatho, ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango waseAdumimi elingaseningizimu komfula; umkhawulo wawusudlula, waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi; ukuphuma kwawo kwakungasemthonjeni waseRogeli;
8wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;
9umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati-Jeharimi;
10umkhawulo wajika usuka eBahala ngasentshonalanga, waya entabeni yaseSeyiri, wadlula waya eceleni kwentaba yaseJeharimi ngasenyakatho, eliyiKesaloni, wehlela eBeti-Shemeshi, wadlula ngaseThimna;
11umkhawulo wawusuphuma, waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho; umkhawulo wasuka waya eShikeroni, wadlula waya entabeni yaseBahala, waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.
12Umkhawulo wasentshonalanga wawuluLwandle oluKhulu nogu lwalo. Lokho kungumkhawulo wabantwana bakwaJuda nxazonke ngemindeni yabo.
13Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Araba uyise ka-Anaki, oyiHebroni.
14UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSheshayi, noAhimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki.
15Wasuka lapho, wenyukela kwabakhileyo eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati-Seferi kuqala.
16UKalebi wathi: Onqoba iKiriyati-Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika uAkisa indodakazi yami abe-ngumkakhe.
17UOtheniyeli indodana kaKenazi umfowabo kaKalebi walithatha; wayesemnika uAkisa indodakazi yakhe abe-ngumkakhe.
18Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: Ukhala ngani?
19Wathi: Ngiphe isipho; lokhu unginiké izwe laseningizimu, ngiphe nemithombo yamanzi. Wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.
20Leli liyifa lesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo.
21Imizi esekupheleni kwesizwe sabantwana bakwaJuda ngasemkhawulweni wakwaEdomi ngaseningizimu yayiyiKabiseyeli, ne-Edere, neJaguri,
22neKina, neDimona, neAdada,
23neKedeshi, neHasori, neItinani,
24neZifi, neTeleme, neBehaloti,
25neHasori-Hadatha, neKeriyote-Hesironi eliyiHasori,
26neAmamu, neShema, neMolada,
27neHasari-Gada, neHeshimoni, neBeti-Pheleti,
28neHasari-Shuwali, neBeri-Sheba, neBiziyotiya,
29neBahala, neIjimi, ne-Eseme,
30ne-Elitoladi, neKesili, neHorma,
31neSikilagi, neMadimana, neSanisana,
32neLebawoti, neShilehimi, neAyini, neRimoni, yonke imizi ingamashumi amabili nesishiyagalolunye nemizana yayo.
33Emathafeni: iEshitawoli, neSora, neAshina,
34neZanowa, ne-Eni-Ganimi, neTaphuwa, ne-Enamu,
35neJarimuthi, neAdulamu, neSoko, neAzeka,
36neShaharayimi, neAditayimi, neGedera, neGederotayimi, imizi iyishumi nane nemizana yayo.
37ISenani, neHadasha, neMigidaliGadi,
38neDilani, neMispa, neJokiteyeli,
39neLakishi, neBosikati, ne-Egiloni,
40neKaboni, neLahimamu, neKitilishi,
41neGederoti, neBeti-Dagoni, neNahama, neMakheda, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.
42ILibina, ne-Etere, neAshani,
43neJifita, neAshina, neNesibe,
44neKeyila, neAkizibi, neMaresha, imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.
45IEkroni nemizi yalo nemizana yalo;
46kusukela e-Ekroni kuze kufike elwandle, yonke eyayiseceleni kweAshidodi nemizana yayo.
47IAshidodi nemizi yalo nemizana yalo; iGaza nemizi yalo nemizana yalo, kuze kufike emfuleni waseGibithe, naseLwandle oluKhulu nogu lwalo.
48Ezintabeni: iShamiri, neJatiri, neSoko,
49neDana, neKiriyati-Sana eliyiDebiri,
50neAnabi, ne-Eshitemo, neAnimi,
51neGosheni, neHoloni, neGilo, imizi iyishumi nanye nemizana yayo.
52IAraba, neDuma, ne-Eshani,
53neJanimi, neBeti-Taphuwa, neAfeka,
54neHumitha, neKiriyati-Araba eliyiHebroni, neSiyori, imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.
55IMahoni, neKarmeli, neZifi, neJutha,
56neJizreyeli, neJokideyamu, neZanowa,
57neKayini, neGibeya, neThimna, imizi iyishumi nemizana yayo.
58IHalihuli, neBeti-Suri, neGedori,
59neMaharati, neBeti-Anoti, ne-Elitekoni, imizi iyisithupha nemizana yayo.
60IKiriyati-Bali eliyiKiriyati-Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.
61Ehlane: iBeti-Araba, neMidini, neSekaka,
62neNibishani, noMuzi kaSawoti, neEni-Gedi, imizi iyisithupha nemizana yayo.
63AmaJebusi ayakhé eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kubenamuhla.