UJOSHUWA 20
Imizi eyisithupha yokuphephela
1UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:
2Khuluma kubantwana bakwaIsrayeli ngokuthi: Zimiseleni imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngesandla sikaMose
3ukuba umbulali obulala umuntu ngesiphosiso kungengamabomu abalekele khona, yona ibe-yisiphephelo kumphindiseli wegazi.
4Obalekelayo komunye waleyomizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowomuzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.
5Uma umphindiseli wegazi emxosha, awayikumnikela umbulali esandleni sakhe, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe kungengamabomu ebekade engamzondi.
6Uyakuhlala kulowomuzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthethwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezozinsuku, andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowomuzi abaleka kuwo.
7Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwaEfrayimi, neKiriyati-Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.
8Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolanu eBashani esizweni sakwaManase.
9Leyo yayiyimizi emiselwe bonke abantwana bakwaIsrayeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngesiphosiso abalekele khona, angafi ngesandla somphindiseli wegazi, aze eme phambi kwenhlangano.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.