Icala lika-Akani nesijeziso sakhe
1Kepha abantwana bakwaIsrayeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu uAkani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwaIsrayeli.
2UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya eAyi eliseceleni kweBetiAveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: Khuphukani, nilihlole izwe. Amadoda akhuphuka ahlola iAyi.
3Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: Mabangakhuphuki bonke abantu; makuhambe amadoda kungathi izinkulungwane ezimbili noma ezintathu, alichithe iAyi; ungabakhathazi bonke abantu ngokuya khona, ngokuba bayingcosana nje.
4Kwase kukhuphukela khona abantu abayizinkulungwane ezintathu, kepha babaleka phambi kwamadoda aseAyi.
5Amadoda aseAyi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha, abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi, ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba-njengamanzi.
6UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwaIsrayeli; bathela uthuli emakhanda abo.
7UJoshuwa wathi: Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ubaweliseleni iJordani nakanye lababantu ukuba usinikele esandleni sama-Amori, usibhubhise, na? Sengathi nga saneliswa ukuhlala ngaphesheya kweJordani!
8O Nkosi, ngiyakuthini, lapha abakwaIsrayeli sebefulathele izitha zabo na?
9Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela-ntoni igama lakho elikhulu na?
10UJehova wathi kuJoshuwa: Sukuma; uweleni kanje ngobuso bakho na?
11UIsrayeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo, futhi bebile, baqambile amanga, bakubeka kweyabo impahla.
12Ngalokho abantwana bakwaIsrayeli abanakuma phambi kwezitha zabo, bayafulathela izitha zabo, ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba-nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.
13Suka ungcwelise abantu, uthi: Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho, ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.
14Kusasa niyakusondezwa ngezizwe zakini; kuyakuthi isizwe asithathayo uJehova sisondele ngemindeni; umndeni awuthathayo uJehova uyakusondela ngezindlu; indlu ayithathayo uJehova iyakusondela ngabantu.
15Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwaIsrayeli.
16UJoshuwa wayesevuka ekuseni kakhulu, wasondeza uIsrayeli ngezizwe zakubo; isizwe sakwaJuda sathathwa.
17Wayesesondeza imindeni yakwaJuda; wathatha umndeni wakwaZera, wawusondeza umndeni wakwaZera ngabantu, kwathathwa uZabidi.
18Wayisondeza indlu yakhe ngabantu; uAkani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, wathathwa.
19UJoshuwa wayesethi kuAkani: Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.
20UAkani wamphendula uJoshuwa, wathi: Kuyiqiniso, ngonile kuJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, ngenza ukuthi nokuthi.
21Ngabona empangweni ingubo enhle yaseShineyari, namashekeli* angamakhulu amabili esiliva, nesigaxa segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi ayisihlanu, ngakufisa, ngakuthatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.
22UJoshuwa wayesethuma izithunywa, zagijimela etendeni; bheka kwakuthukusiwe etendeni lakhe, isiliva liphansi.
23Zakukhipha phakathi kwetende, zakuyisa kuJoshuwa nakubo bonke abantwana bakwaIsrayeli, bakubeka phansi phambi kukaJehova.
24UJoshuwa nabo bonke abakwaIsrayeli benaye bamthatha uAkani indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe, nezimbongolo zakhe, nezimvu zakhe, netende lakhe, nakho konke anakho, bakukhuphulela esigodini saseAkori.
25UJoshuwa wayesethi: Usihlupheleni na? UJehova uzakukuhlupha namuhla. Bonke abakwaIsrayeli bamkhanda ngamatshe; babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.
26Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yakhe enkulu. Ngalokho igama laleyondawo laqanjwa ngokuthi isigodi saseAkori kuze kube-namuhla.