Umthetho weminikelo yempuphu
1Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo wobayimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,
2awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube-yisikhumbuzo sawo ealtare, umnikelo womlilo, ube-yiphunga elimnandi kuJehova;
3okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba-ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova.
4Nxa uletha umnikelo wempuphu ephekwé eziko, woba-ngamaqebelengwane angenamvubelo empuphu ecolekileyo exovwé namafutha, noma imiqathane engenamvubelo, egcotshwé ngamafutha.
5Uma umnikelo wakho ungumnikelo wempuphu ephekwé ngomqengele, wobangowempuphu ecolekileyo engenamvubelo, exovwé ngamafutha.
6Uwuhlephule izingcezu, uthele amafutha kuzo; kungumnikelo wempuphu.
7Uma umnikelo wakho ungumnikelo wempuphu ephekwé ngokhamba, uyakwenziwa ngempuphu ecolekileyo kanye namafutha.
8Woletha kuJehova umnikelo wempuphu owenziwe ngalezozinto, unikelwe kumpristi, yena awuyise ealtare.
9Umpristi makathabathe okuyisikhumbuzo kuwo umnikelo wempuphu, akushise ealtare kube-ngumnikelo womlilo, kube-yiphunga elimnandi kuJehova.
10Okuseleyo komnikelo wempuphu kuyakuba-ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaJehova.
11Awuyikwenziwa ngemvubelo umnikelo wempuphu eninikela ngawo kuJehova, ngokuba aniyikushisa imvubelo nazinyosi kube-ngumnikelo womlilo kuJehova.
12Anonikela ngakho kube-ngumnikelo wolibo; kungenyukeli ealtare nokho, kube-yiphunga elimnandi.
13Yonke iminikelo yakho yempuphu iyoliswe ngosawoti; ungavumeli ukuba usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho asilale emnikelweni wakho wempuphu; wonikela ngayo yonke iminikelo yakho inosawoti.
14Uma unikela ngomnikelo wempuphu wolibo kuJehova, wonikela ngezikhwebu zamabele ezosiwe ngomlilo, amabele agquliweyo ezikhwebu ezintsha, ube-ngumnikelo wempuphu wolibo lwakho,
15uthele amafutha kuwo, ubeke inhlaka phezu kwawo; kungumnikelo wempuphu.
16Umpristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, inxenye yamabele agquliweyo awo nenxenye yamafutha awo kanye nayo yonke inhlaka yawo; kungumnikelo womlilo kuJehova.