Izimiso zezijeziso
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Futhi uyakusho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Yilowo nalowo wabantwana bakwaIsrayeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwaIsrayeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelozwe bamkhande ngamatshe.
3Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowomuntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikele ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.
4Uma abantu balelozwe besitheza kancane amehlo abo kulowomuntu, lapho enikela ngenzalo yakhe kuMoloki, bangambulali,
5ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowomuntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo kanye nabo bonke abaya kuye ukuphinga, beyophinga noMoloki.
6Nalowomuntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowomuntu, ngimnqume kubantu bakubo.
7Ngalokho zingcweliseni nibe-ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.
8Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.
9Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba-phezu kwakhe.
10Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.
11Umuntu olala nomkayise wambulile ubunqunu bukayise; bobabili bobulawa nokubulawa, igazi labo libe-phezu kwabo.
12Uma umuntu elala nomalokazana wakhe, bobabili bobulawa nokubulawa; benzile ichilo; igazi labo malibe-phezu kwabo.
13Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane, bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libephezu kwabo.
14Uma umuntu ethatha umfazi kanye nonina, kungukonakala; bayakushiswa ngomlilo yena nabo, ukuze kungabikhokonakala phakathi kwenu.
15Uma umuntu elala nesilwane, wobulawa nokubulawa, nisihlabe isilwane.
16Uma owesifazane esondela esilwaneni, alale naso, wobulala owesifazane nesilwane; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe-phezu kwabo.
17Uma umuntu ethatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe, naye abone ubunqunu bakhe, kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana babantu bakubo; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.
18Uma umuntu elala nowesifazane onefindo lakhe, ambule ubunqunu bakhe, unqunisile umthombo wakhe, naye wambulile umthombo wegazi lakhe; bobabili bayakunqunywa kubantu bakubo.
19Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kanyoko, noma obukadadewabo kayihlo, ngokuba unqunisile isihlobo sakhe; bayakuthwala ububi babo.
20Uma umuntu elala nomkayisekazi, wambulile ubunqunu bukayisekazi; bayakuthwala isono sabo; bayakufa beyizimpulule.
21Uma umuntu ethatha umkamfowabo, kungukungcola; wambulile ubunqunu bomfowabo; bayakuba-yizimpulule.
22Ngalokho anogcina zonke izimiso zami, nazo zonke izahlulelo zami, nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi.
23Aniyikuhamba ngamasiko esizwe engisixosha phambi kwenu, ngokuba benza zonke lezozinto; ngalokho nganengwa yibo.
24Kepha ngishilo kini ukuthi: Niyakulidla ifa lezwe labo, ngininike lona libe-ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi; nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.
25Ngalokho anohlukanisa izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo, izinyoni ezingcolileyo nezihlambulukileyo, ningenzi imiphefumulo yenu inengeke ngesilwane noma ngenyoni noma ngantoni enwabuzelayo emhlabeni, engizahlukanisile nani, ngathi zingcolile.
26Niyakuba-ngcwele kimi, ngokuba mina-Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe-ngabami.
27Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe-phezu kwabo.