Eminye imithetho yabapristi
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yisho kuAroni nakumadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantwana bakwaIsrayeli abangingcwelisela zona, bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguJehova.
3Yisho kubo ukuthi: Yilowo nalowo wenzalo yenu yonke ezizukulwaneni zenu osondela ezintweni ezingcwele abantwana bakwaIsrayeli abazingowelisela uJehova, esengcolile, lowomuntu uyakunqunywa, angabikho phambi kwami; nginguJehova.
4Yilowo nalowo wenzalo ka-Aroni onochoko noma ocucuzayo akayikudla izinto ezingcwele aze ahlambuluke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo, noma umuntu oshaywa yizibuko,
5nalowo othinta okunwabuzelayo angangcoliswa ngakho, noma umuntu angangcoliswa ngaye, nakuba enokungcola kuni,
6umuntu othinta okunjalo uyakubangongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi.
7Selishonile ilanga uyakuba-ngohlambulukile, andukuba adle izinto ezingcwele, ngokuba ziyisinkwa sakhe.
8Ingcuba nokudweshulwé yizilo akayikukudla ukuzingcolisa ngakho; nginguJehova.
9Ngalokho abogcina isiyalezo sami, funa babe-nesono ngaso, bafele kuso, uma besihlambalaza; nginguJehova obangcwelisayo.
10Umfokazi akayikudla okungcwele; umuntu ogogobeleyo wompristi noma umqashwa angadli okungcwele.
11Kepha uma umpristi ethenga umuntu eyintengo yemali yakhe, yena angakudla; nabazelwe emzini wakhe bangadla isinkwa sakhe.
12Uma indodakazi yompristi igana umfokazi, yona mayingadli emnikelweni wokuphakanyiswa wezinto ezingcwele.
13Kepha uma indodakazi yompristi ingumfelokazi noma ingolahliweyo ingenamntwana, beseyibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakudla isinkwa sikayise; kepha umfokazi makangasidli.
14Uma umuntu edla okungcwele engazi, wothasisela okwesihlanu kwakho, amnike umpristi okungcwele.
15Abayikuhlambalaza izinto ezingcwele zabantwana bakwaIsrayeli abanikela ngazo kuJehova,
16bangabethwesi ububi obutholisa icala, lapho bedla izinto zabo ezingcwele; ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.
Imithetho yemihlatshelo
17UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
18Yisho kuAroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Yilowo nalowo wendlu kaIsrayeli noma umfokazi kwaIsrayeli onikela ngomnikelo wakhe, noma owesithembiso sakhe noma oweminikelo yakhe yesihle, okunikelwa ngayo kuJehova ibe-ngumnikelo wokushiswa,
19ukuze namukeleke, wonikela ngeduna elingenasici lezinkomo, elezimvu noma elezimbuzi.
20Noma yintoni enesici aniyikunikela ngayo; ngokuba aniyikwamukeleka ngayo.
21Umuntu onikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ukugcwalisa isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, umelwe ukuphelela ukuba wamukeleke, kungabi-sici kuwo.
22Ephuphuthekayo noma eyaphukileyo noma elimeleyo noma enesilonda noma enokhwekhwe noma enomuna, ninganikeli ngazo kuJehova, futhi ninganikeli ngazo zibe-ngumnikelo womlilo ealtare kuJehova.
23Inkunzi noma imvana enesitho esidluleleyo noma enesitho esincane, unganikela ngazo zibe-ngumnikelo wesihle, kepha uma ungowesithembiso awunakwamukeleka.
24Aniyikunikela kuJehova ngento etheniwe ngokukhandwa noma ngokuchotshozwa noma ngokudwengulwa noma ngokunqunywa; ningenzi kanjalo ezweni lakini.
25Aniyikwamukela esandleni sowezizwe, ninikele ngezinjalo zibe-yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba ukonakala kwazo kukuzo, zinobulima; aniyikwamukeleka ngazo.
26UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
27Nxa kuzalwa inkunzi noma imvu noma imbuzi, iyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; kusukela osukwini lwesishiyagalombili nangasemuva iyakwamukelwa ibe-ngumnikelo womlilo kuJehova.
28Noma kuyinkomazi noma imvukazi, aniyikuyihlaba kanye nomntwana wayo ngalusuku lunye.
29Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, niyakumhlabela ukuba namukeleke.
30Uyakudliwa ngalolosuku, ningashiyi-lutho lwawo kuze kuse; nginguJehova.
31Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.
32Ningahlambalazi igama lami elingcwele; kepha ngiyakungcweliswa phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli; nginguJehova oningcwelisayo,
33owanikhipha ezweni laseGibithe, ngibe-nguNkulunkulu wenu; nginguJehova.