Umthetho wezithembiso
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Nxa umuntu enza isithembiso esithile, lapho uyakulinganisa abantu kuJehova,
3ukulinganisa kwakho owesilisa, kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuze kube-koneminyaka engamashumi ayisithupha, kuyakuba-ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele.
4Uma kungowesifazane, ukulinganisa kwakho kuyakuba-ngamashekeli* angamashumi amathathu.
5Uma kusukela koneminyaka eyisihlanu kuze kube-koneminyaka engamashumi amabili, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba-ngamashekeli* angamashumi amabili, nowesifazane amashekeli ayishumi.
6Uma kusukela konenyanga kuze kube-koneminyaka eyisihlanu, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba-ngamashekeli* ayisihlanu esiliva, nokulinganisa kwakho owesifazane kuyakuba-ngamashekeli amathathu esiliva.
7Uma kusukela koneminyaka engamashumi ayisithupha kuya phezulu, nalapho kungowesilisa, ukulinganisa kwakho kuyakuba-ngamashekeli* ayishumi nanhlanu, nowesifazane kube-ngamashekeli ayishumi.
8Kepha uma empofu kunokulinganisa kwakho, uyakubekwa phambi kompristi, umpristi amlinganise; umpristi uyakumlinganisa ngokwamandla akhe owathembisayo.
9Uma kuyizilwane okunganikelwa ngazo kuJehova, zonke ezinjalo umuntu anikela ngazo kuJehova ziyakuba-ngcwele.
10Akayikuziphambanisa, angazenani ngezinye, esihle ngesibi nesibi ngesihle; uma enana nokwenana isilwane ngesilwane, sona leso kanye naso okwenanwa ngaso ziyakuba-ngcwele.
11Uma kuyisilwane esingcolileyo okunganikelwa ngaso kuJehova, uyakusibeka silwane phambi kompristi,
12umpristi asilinganise, noma sihle noma sibi; njengalokho wena-mpristi ulinganisa, kuyakuba-njalo.
13Kepha uma ethanda ngempela ukusihlenga, uyakuthasisela okwesihlanu kwaso kukho ukulinganisa kwakho.
14Nxa umuntu eyakungcwelisa indlu yakhe ibe-ngcwele kuJehova, umpristi uyakuyilinganisa uma inhle noma imbi; njengalokhu umpristi eyilinganisa, kuyakuba-njalo.
15Uma oyingcwelisayo ethanda ukuyihlenga indlu yakhe, uyakuthasisela okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, ibe-ngeyakhe.
16Uma umuntu eyakumngcwelisela uJehova inxenye yensimu yefa lakhe, ukulinganisa kwakho kuyakuba-njengokuhlwanyelwa kwayo, ukuhlwanyelwa kwehomere* lebhali* kube-ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva.
17Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela emnyakeni wejubili*, iyakuma ngokulinganisa kwakho.
18Kepha uma ungcwelisa insimu emva kwejubili*, umpristi uyakumbalela imali ngeminyaka eseleyo kuze kufike umnyaka wejubili, kuncishiswe ukulinganisa kwakho.
19Uma ongcwelisa insimu ethanda ngempela ukuyihlenga, uyakuthasisela kuyo okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, iqiniswe kuye.
20Uma engahlengi insimu, noma ethengisile ngensimu komunye umuntu, ayisayikuhlengwa.
21Kepha insimu ekuphumeni kwayo ngejubili* iyakuba-ngcwele kuJehova njengensimu eyahlukaniswayo; iyakuba-yifa lompristi.
22Uma engcwelisela uJehova insimu ayithengileyo, engesiyo insimu yefa lakhe,
23umpristi uyakumbalela imali yokulinganisa kwakho kuze kufike umnyaka wejubili*, anike ukulinganisa kwakho ngalolosuku kube-yinto engcwele kuJehova.
24Ngomnyaka wejubili* insimu iyakubuyela kuye eyathengwa kuye, yebo, kuye olifa lensimu lingelakhe.
25Konke ukulinganisa kwakho kuyakuba-ngokweshekeli* lendlu engcwele; amagera* angamashumi amabili ayakubayishekeli.
26Kepha izibulo lezilwane elenziwe libe-yizibulo kuJehova aliyikungcweliswa-muntu; noma liyinkabi noma liyimvu, lingelikaJehova.
27Uma kungelesilwane esingcolileyo, uyakulihlenga ngokulinganisa kwakho, athasisele kukho okwesihlanu kwakho; uma lingahlengwa, kuyakuthengiswa ngalo ngokulinganisa kwakho.
28Nokho into yonke eyahlukaniswa, umuntu ayahlukanisela uJehova kukho konke anakho, noma abantu, noma izilwane, noma insimu yefa lakhe, akuyikuthengiswa ngayo, ingahlengwa; konke okwahlukanisiwe kungcwelengcwele kuJehova.
29Akukho-muntu owaqalekiswayo, owaqalekiswa kubantu, ongahlengwa; wobulawa nokubulawa.
Okweshumi
30Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.
31Uma umuntu ethanda ukuhlenga okuthile okokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho.
32Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, zonke ezidlula phansi kwentonga, okweshumi kuyakuba-ngcwele kuJehova.
33Akayikuhlola, uma kuhle noma kubi, angakwenani ngokunye; kepha uma ngempela ekwenana ngokunye, lokhu nalokho akwenana ngakho kuyakuba-ngcwele; akuyikuhlengwa.
34Leyo iyimiyalo uJehova ayala ngayo uMose ngabantwana bakwaIsrayeli entabeni yaseSinayi.