Izithasiselo zemithetho yeminikelo yecala neyeminikelo yokuthula
1Nanku umthetho weminikelo yecala; ingcwelengcwele.
2Endaweni abahlabela kuyo umnikelo wokushiswa, bayakuwuhlabela khona umnikelo wecala, kufafazwe ialtare nxazonke ngegazi lawo.
3Uyakunikela ngawo onke amanoni awo, umsila ononileyo namanoni asibekela izibilini,
4nezinso zombili namanoni akuzo angasezinkalweni, namanoni aphezu kwesibindi, ewasusa ngasezinsweni,
5umpristi akushise ealtare kube-ngumnikelo womlilo kuJehova; kungumnikelo wecala.
6Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla, udliwe endaweni engcwele; ungcwelengcwele.
7Umnikelo wecala unjengomnikelo wesono; umthetho wawo munye; umpristi owenza ukubuyisana ngawo wobangowakhe.
8Umpristi onikela ngomnikelo wokushiswa womuntu, isikhumba somnikelo wokushiswa anikele ngawo siyakuba-ngesompristi.
9Yonke iminikelo yempuphu ephekwé eziko, nayo yonke elungiselwa okhambeni nasemqengeleni, iyakuba-ngeyalompristi anikele ngayo.
10Yonke iminikelo yempuphu exovwé namafutha neyomileyo iyakuba-ngeyamadodana onke ka-Aroni, enye ithole njengenye.
11Nanku umthetho womhlatshelo weminikelo yokuthula okuyakunikelwa ngayo kuJehova.
12Uma enikela ngawo ube-ngumnikelo wokubonga, uyakunikela kanye nomhlatshelo wokubonga ngamaqebelengwane angenamvubelo exovwé namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwé ngamafutha, namaqebelengwane empuphu ecolekileyo axovwé namafutha.
13Kanye namaqebelengwane esinkwa esivutshelweyo uyakunikela ngalomnikelo kanye nomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula, ube-ngowokubonga.
14Athabathe kuwo libe-linye njalo eminikelweni yakhe, libe-ngumnikelo ophakanyiswayo kuJehova, libe-ngelompristi ofafaza ngegazi leminikelo yokuthula.
15Inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula ongowokubonga iyakudliwa ngosuku lokunikela kwakhe, angashiyi-lutho lwayo kuze kuse.
16Kepha uma umhlatshelo womnikelo wakhe ungowesithembiso noma ungowesihle, uyakudliwa ngalolosuku anikela ngalo ngomhlatshelo wakhe; nangakusasa okuseleyo kuwo kuyakudliwa;
17kepha okusele enyameni yomhlatshelo ngosuku lwesithathu kuyakushiswa ngomlilo.
18Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.
19Inyama ethinta into engcolileyo ayinakudliwa, kepha iyakushiswa ngomlilo; nokho lenyama-ke bonke abahlambulukileyo bangayidla.
20Kodwa umuntu oyidla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova esenakho ukungcola kwakhe, lowomuntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
21Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo, adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowomuntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
22UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
23Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Aniyikudla-manoni enkomo, nawemvu, nawembuzi.
24Amanoni engcuba namanoni okudweshuliweyo angasebenza yonke eminye imisebenzi; kepha ningawadli nempela.
25Ngokuba yilowo nalowo odla amanoni enkomo okunikelwa ngayo ibe-ngumnikelo womlilo kuJehova, lowomuntu owadlayo uyakunqunywa kubantu bakubo.
26Ningadli naliphi igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo, nakuyiphi yezindlu zenu.
27Yilowo nalowo odla igazi lowomuntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
28UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
29Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Onikela ngomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula kuJehova uyakuletha umnikelo wakhe kuJehova emhlatshelweni weminikelo yakhe yokuthula;
30izandla zakhe uqobo zilethe iminikelo yomlilo kaJehova, alethe amanoni kanye nesifuba ukuba isifuba sizuliswe, sibe-ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.
31Umpristi makashise amanoni ealtare, kepha isifuba sibe-ngesika-Aroni nesamadodana akhe.
32Anonika umpristi umlenze wokunene, ube-ngumnikelo wokuphakanyiswa emihlatshelweni yeminikelo yenu yokuthula.
33Lowo phakathi kwamadodana ka-Aroni onikela ngegazi leminikelo yokuthula nangamanoni koba-ngowakhe umlenze wokunene, ube-yisabelo sakhe.
34Ngokuba isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa ngikuthabathé kwabakwaIsrayeli emihlatshelweni yeminikelo yabo yokuthula, ngakunika uAroni umpristi namadodana akhe, kube-yisimiso esiphakade kwabakwaIsrayeli.
35Leso siyisabelo sika-Aroni nesabelo samadodana akhe seminikelo yomlilo kaJehova mhla ebaletha ukuba bamkhonze uJehova esikhundleni sobupristi,
36ayala ngakho uJehova ukuba bakuphiwe ngabantwana bakwaIsrayeli mhla ebagcoba, kube-yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo.
37Lowo ungumthetho weminikelo yokushiswa, noweminikelo yempuphu, noweminikelo yesono, noweminikelo yecala, nowokwahlukaniselwa, nowomhlatshelo weminikelo yokuthula,
38uJehova amyala ngawo uMose entabeni yaseSinayi mhla eyala abakwaIsrayeli ukuba banikele ngeminikelo yabo kuJehova ehlane laseSinayi.