UJesu ufundisa ngokuphenduka
1Ngalesosikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo.
2Waphendula, wathi kubo: Nithi labobaseGalile babeyizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na?
3Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.
4Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babenamacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?
5Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.
6Wayesebalandisa lomfanekiso wokuthi: Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwé esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga.
7Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulomkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?
8Sona saphendula, sathi kuye: Nkosi, wuyeke nangalomnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba;
9mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.
Ukuphulukiswa kowesifazane onomoya wobuthakathaka
10Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha.
11Bheka, kwaba-khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela.
12Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.
13Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona-lapho, wamdumisa uNkulunkulu.
14Umphathi wesinagoge*, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi-ngosuku lwesabatha.
15Kepha iNkosi yamphendula yathi: Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na?
16Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kulesosibopho ngosuku lwesabatha na?
17Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye.
Imifanekiso ngombuso kaNkulunkulu
18Wayesethi: Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ngiyakuwufanisa nani na?
19Ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yamila, yaba-ngumuthi, izinyoni zezulu zaze zakhela emagatsheni awo.
20Wabuye wathi: Umbuso kaNkulunkulu ngiyakuwufanisa nani na?
21Ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.
22Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana, efundisa, eqondé eJerusalema.
23Umuntu othile wayesethi kuye: Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na? Wathi kubo:
24Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.
25Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: Nkosi, sivulele, uyakuphendula, athi: Anginazi lapho nivela khona.
26Lapho-ke niyakuqala ukuthi: Sasidla, siphuza phambi kwakho, wawufundisa emigwaqweni yakithi.
27Athi-ke: Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.
28Lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona oAbrahama, noIsaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.
29Bayakufika bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu.
30Bhekani, bakhona abokugcina abayakuba-ngabokuqala; bakhona abokuqala abayakuba-ngabokugcina.
UJesu uyalikhalela iJerusalema
31Ngawo lowomzuzwana kweza abaFarisi abathile, bathi kuye: Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.
32Wathi kubo: Hambani nithi kuleyompungushe: Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.
33Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema.
34Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga.
35Bhekani, indlu yenu isisala inxiwa kini; kepha ngithi kini: Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi: Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.