UJesu ungena eJerusalema
1Kwathi ukuba basondele eJerusalema, sebefikile eBetfage ngaseNtabeni yemiNqumo, uJesu wathuma abafundi ababili,
2wathi kubo: Hambani niye emzaneni obhekene nani, nizakufumana masinyane imbongolo ikhulekiwe nethole linayo; zithukululeni, nizilethe kimi.
3Uma umuntu esho utho kini, anothi: INkosi iyazidinga; uyakuzithumela masinyane.
4Kepha lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwashiwo ngumprofethi othi:
5Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi:
Bheka, iNkosi yakho iza kuwe,
imnene, ikhwele embongolweni,
yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.
6Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile,
7baletha imbongolo nethole, babeka izingubo zabo phezu kwazo, wahlala phezu kwazo.
8Iningi lesixuku lendlala izingubo zalo endleleni, kepha abanye bagawula amahlamvu emithini, bawendlala endleleni.
9Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi:
Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide!
Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
Hosiyana kweliphezulu!
10Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: Ngubani lo?
11Izixuku zathi: Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile.
Ukuhlanzwa kwethempeli
12UJesu wayesengena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba.
13Wathi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka, kepha nina niyenza umhume wabaphangi.
14Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini, waziphulukisa.
15Kepha abapristi abakhulu nababhali, bebona izimangaliso azenzayo nabantwana bememeza ethempelini, bethi: Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide, bacasuka,
16bathi kuye: Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo, anizange nifunde yini ukuthi:
Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso, na?
17Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona.
Ukuqalekiswa komkhiwane
18Kepha ekuseni esebuyela emzini walamba.
19Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, weza kuwo; akafumanangalutho kuwo, amaqabunga odwa. Wayesethi kuwo: Akungabe kusavela-sithelo kuwe naphakade. Umkhiwane wabuna khona-lapho.
20Bekubona lokho abafundi bamangala bathi: Umkhiwane ubuné kanjani masinyane na?
21UJesu wayesephendula, ethi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kulentaba: Nqukuleka, uphonseke elwandle, kuyakwenzeka;
22nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.
Igunya likaJesu
23Kuthé engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okuniké leligunya na?
24UJesu waphendula, wathi kubo: Nami ngizakunibuza izwi libe-linye; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
25Ukubhapathiza kukaJohane kwavelaphi, ezulwini nokuba kubantu, na? Bakhulumisana bodwa, bathi: Uma sithi: Ezulwini, uzakuthi kithi: Pho, anikholwanga nguye ngani na?
26Kepha uma sithi: Kubantu, siyasesaba isixuku; ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi.
27Base bemphendula uJesu, bethi: Asazi. Wayesethi kubo naye: Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
Ukukhuzwa kwabapristi abakhulu nabaFarisi
28Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.
29Yaphendula yathi: Angithandi; kodwa ngasemuva yaguquka, yaya.
30Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: Ngiyaya, nkosi; kepha kayiyanga.
31Yiyiphi kulawa amabili eyenza intando kayise na? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.
32Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.
Umfanekiso wabalimi besivini
33Yizwani omunye umfanekiso. Kwakukhona umuntu, umninindlu, owatshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba khona isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
34Kwathi sekusondele isikhathi sezithelo, wathuma izinceku zakhe kubalimi ukuba zithathe izithelo zakhe.
35Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe.
36Waphinda wathuma ezinye izinceku eziningi kunezokuqala; benze njalo nakulezo.
37Ekugcineni wathuma kubo indodana yakhe, ethi: Bayakuyazisa indodana yami.
38Kepha kwathi abalimi bebona indodana, bakhuluma bodwa, bathi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.
39Base beyibamba, bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala.
40Pho-ke, mhla kufika umninisivini, uzakubenze-njani labobalimi na?
41Bathi kuye: Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.
42UJesu wathi kubo: Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi:
Itshe abalinqabayo abakhi
lona laba-yinhloko yegumbi;
lona lavela eNkosini;
liyisimangaliso emehlweni ethu, na?
43Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.
44Owayo phezu kwalelitshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.
45Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe bazi ukuthi ukhuluma ngabo.
46Base befuna ukumbamba; kepha bazesaba izixuku, ngokuba zazithi ungumprofethi.