Umshado wendodana yenkosi
1UJesu wathatha wakhuluma futhi kubo ngemifanekiso, wathi:
2Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado.
3Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.
4Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.
5Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.
6Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.
7Kepha inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labobabulali, yashisa umuzi wabo.
8Khona yathi ezincekwini zayo: Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele;
9ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.
10Lezozinceku zaphuma, zaya ezindleleni, zabutha bonke ezabafumanayo, ababi nabahle; indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.
11Kuthé inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado;
12yathi kuye: Mngane, ungené kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na? Kepha wathula.
13Khona inkosi yathi ezincekwini: Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla amazinyo.
14Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.
Intela kaKesari
15Khona abaFarisi basuka, bacebisana ukuba bamhile ngezwi.
16Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.
17Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?
18Kepha uJesu ebazi ububi babo wathi: Bazenzisi, ningilingelani na?
19Ngitshengiseni imali yokuthela; bamtshengisa udenariyu*.
20Wayesethi kubo: Ngokabani lomfanekiso nalombhalo na?
21Bathi: NgokaKesari. Khona wathi kubo: Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.
22Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka.
Ukuvuka kwabafileyo
23Ngalolosuku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza
24bathi: Mfundisi, uMose wathi: Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
25Kwakukhona-ke kithi izelamani eziyisikhombisa: owokuqala waganwa, wafa; engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo.
26Kanjalo nowesibili nowesithathu, kwaze kwaba-kowesikhombisa.
27Emva kwabo bonke wafa umfazi.
28Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba-ngumkabani kwabayisikhombisa, lokhu bonke babenaye, na?
29Kepha uJesu waphendula, wathi kubo: Nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.
30Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.
31Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi:
32Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe, na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.
33Kwathi izixuku zikuzwa lokho, zamangala ngokufundisa kwakhe.
Umyalo wokuqala
34AbaFarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi, babuthana ndawonye.
35Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi:
36Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?
37UJesu wathi kuye: Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.
38Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala.
39Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
40Kuleyomiyalo emibili kubambelela umthetho wonke nabaprofethi.
UMesiya nemvelo yakhe
41Besabuthene abaFarisi, uJesu wababuza,
42wathi: Nithini ngoKristu na? Uyindodana kabani na? Bathi kuye: EkaDavide.
43Wathi kubo: Pho, uDavide ngoMoya wambiza kanjani ngokuthi iNkosi, ethi:
44INkosi yathi eNkosini yami:
Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.
45Ngakho-ke uma uDavide embiza ngokuthi iNkosi, uyindodana yakhe kanjani na?
46Kwakungekho obengamphendula ngazwi; emva kwalolosuku akwabe kusabakho-muntu onesibindi sokumbuza-lutho.