Ukuqhutshwa kwentshumayelo yasentabeni nokuphela kwayo
1Ningahluleli ukuba ningahlulelwa.
2Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangalesosilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
3Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?
4Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho; bheka, ugongolo lusesweni lakho, na?
5Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.
6Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele* enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.
7Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
8Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.
9Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe,
10noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na?
11Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.
12Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.
13Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.
14Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.
15Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathisé okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.
16Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na?
17Kanjalo yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.
18Umuthi omuhle ungethele izithelo ezimbi, nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle.
19Yilowo nalowomuthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.
20Njalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.
21Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.
22Abaningi bayakuthi kimi ngalolosuku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?
23Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina-benzi bokubi.
24Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawamazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
25Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyondlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala.
26Kodwa yilowo owezwa lawamazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi.
27Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyondlu, yawa, kwaba-kukhulu ukuwa kwayo.
28Kwathi uJesu eseqedile lawomazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe;
29ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo.