Abantu bahlukaniselwa eJerusalema nakwezinye izindawo
1Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.
2Abantu babusisa bonke abantu ababezinikela ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema.
3Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo, kwaba-yilowo nalowo efeni lakhe: abakwaIsrayeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini*, nabantwana bezinceku zikaSolomoni.
4EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini. Kubantwana bakwaJuda: nguAthaya kaUziya kaZakariya ka-Amariya kaShefathiya kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi,
5noMahaseya kaBaruki kaKholi-Hoze kaHazaya ka-Adaya kaJoyaribi kaZakariya indodana yomShiloni.
6Onke amadodana kaPheresi ahlala eJerusalema ayengamadoda anamandla angamakhulu amane namashumi ayisithupha nesishiyagalombili.
7Nampa abantwana bakwaBenjamini: uSalu kaMeshulamu kaJohedi kaPhedaya kaKholaya kaMahaseya kaIthiyeli kaJeshaya.
8Emva kwakhe ngoGabayi noSalayi, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amabili nesishiyagalombili.
9UJoweli indodana kaZikiri wayengumbonisi; uJuda indodana kaHasenuwa wayengowesibili emzini.
10Kubapristi: nguJedaya indodana kaJoyaribi, noJakini,
11noSeraya kaHilikiya kaMeshulamu kaSadoki kaMerayoti ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu;
12nabafowabo ababewenza umsebenzi abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amabili nambili, noAdaya kaJerohamu kaPhelaliya ka-Amisi kaZakariya kaPhashuri kaMalikhiya;
13nabafowabo, izinhloko zawoyise, bengamakhulu amabili namashumi amane nambili, noAmashisayi ka-Azareli kaAhizayi kaMeshilemoti kaImeri;
14nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; umbonisi wabo wayenguZabidiyeli, indodana kaHagedolimi.
15KumaLevi: nguShemaya kaHashubi ka-Azirikamu kaHashabiya kaBuni,
16noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,
17noMathaniya kaMika kaZabidi kaAsafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, noAbida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.
18Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.
19Abalindisango oAkubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babeyikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.
20AbakwaIsrayeli abaseleyo, abapristi namaLevi, babesemizini yonke yakwaJuda, kwaba-yilowo nalowo efeni lakhe.
21AmaNethini* ahlala eOfeli; oSiha noGishipha babephezu kwamaNethini.
22Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBani kaHashabiya kaMathaniya kaMika wamadodana kaAsafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu.
23Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo, nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.
24UPhethahiya indodana kaMeshezabeli wabantwana bakwaZera indodana kaJuda wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.
25Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda: eKiriyati-Araba nasemizaneni yalo, naseDiboni nasemizaneni yalo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo,
26naseJeshuwa, naseMolada, naseBeti-Pheleti,
27naseHasari-Shuwali, naseBeri-Sheba nasemizaneni yalo,
28naseSikilagi, naseMekhona nasemizaneni yalo,
29nase-Eni-Rimoni, naseSora, naseJarimuthi,
30naseZanowa, naseAdulamu nasemizaneni yawo, naseLakishi inamasimu alo, naseAzeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri-Sheba kuze kubesesigodini sikaHinomu.
31Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube-seMikimasi, naseAja, naseBethele nasemizaneni yalo,
32naseAnathoti, naseNobi, naseAnaniya,
33naseHasori, naseRama, naseGitayimi,
34naseHadidi, naseSeboyimi, naseNebalati,
35naseLodi, naseOno, isiGodi sabaBazi.
36KumaLevi izigaba zakwaJuda zahlanganiswa noBenjamini.