Umsebenzi wabapristi nowamaLevi
1UJehova wathi kuAroni: Wena namadodana akho nendlu kayihlo kanye nawe niyakuthwala ububi bendlu engcwele; wena namadodana akho kanye nawe niyakuthwala ububi bobupristi benu.
2Nabafowenu, isizwe sakwaLevi, isizwe sikayihlo, sondela nabo ukuba bahlanganiswe nawe, bakukhonze; kepha wena namadodana akho kanye nawe niyakuba-ngaphambi kwetende lobufakazi.
3Bayakugcina imfanelo yakho nenkonzo yetende lonke; kodwa abayikusondela empahleni yendlu engcwele nasealtare, ukuze bangafi, nabo nani.
4Bayakuhlanganiswa nawe, bagcine inkonzo yetende lokuhlangana kuwo wonke umsebenzi wetende; umfokazi akayikusondela kuwe.
5Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yasealtare, ukuze ulaka lungabe lusaba-khona phezu kwabantwana bakwaIsrayeli.
6Bhekani, mina ngithabathé abafowenu amaLevi phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli; bayisipho kini, benikelwe kuJehova ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana.
7Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwealtare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho; umfokazi osondelayo wobulawa.
8UJehova wakhuluma kuAroni, wathi: Bheka, mina ngikuniké ukugcina iminikelo yami yokuphakanyiswa; zonke izinto ezingcwelisiwe zabantwana bakwaIsrayeli ngikunikile zona wena namadodana akho ngenxa yokugcotshwa, kube-yisimiso esiphakade.
9Lokhu kuyakuba-ngokwakho ezintweni ezingcwelengcwele ezisalé emlilweni; yonke iminikelo yabo, yonke iminikelo yabo yempuphu, nayo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba-ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.
10Niyakudlela lokhu endaweni engcwelengcwele; bonke abesilisa bayakukudla; kuyakuba-ngcwele kuwe.
11Lokhu kungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzuliswa yabantwana bakwaIsrayeli; ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe-yimfanelo ephakade; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.
12Konke okuhle kwamanoni nakho konke okuhle kwewayini nokwamabele, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuJehova ngikunikile khona.
13Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo abaluletha kuJehova luyakuba-ngolwakho; yilowo nalowo ohlambulukileyo endlini yakho uyakukudla.
14Konke okwahlukanisiwe kwaIsrayeli kuyakuba-ngokwakho.
15Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba-ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.
16Okuhlengwayo kuyakuhlengwa kusukela kokunenyanga ngokulinganisa kwakho ngemali yamashekeli* ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele elingamagera* angamashumi amabili.
17Kepha izibulo lenkomo, noma izibulo lemvu, noma izibulo lembuzi, awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza ialtare ngegazi lazo, ushise amanoni azo abe-ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
18Inyama yazo iyakuba-ngeyakho; njengesifuba sokuzuliswa nomlenze wokunene iyakuba-ngeyakho.
19Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwaIsrayeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe-yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube-phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.
20UJehova wathi kuAroni: Awuyikuba-nafa ezweni lakubo, futhi ungabi-nasabelo phakathi kwabo; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli.
21Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwaIsrayeli, kube-yifa labo, ngomsebenzi abawusebenzayo, inkonzo yetende lokuhlangana.
22Abantwana bakwaIsrayeli mabangabe besasondela etendeni lokuhlangana, funa bathwale isono, bafe.
23Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba-yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; naphakathi kwabantwana bakwaIsrayeli abayikuba-nafa.
24Ngokuba okweshumi kwabantwana bakwaIsrayeli abanikela ngakho, kubengumnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, ngikunikile amaLevi kube-yifa lawo; ngalokho ngishilo kuwo, ngathi: Phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli aniyikubanafa.
25UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
26Futhi uyakukhuluma kumaLevi, uthi kuwo: Nxa nithabatha kwabakwaIsrayeli okweshumi engininiké khona kuvela kubo, kube-yifa lenu, niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova, okweshumi kokweshumi.
27Umnikelo wenu wokuphakanyiswa uyakubalelwa nina, njengalokho bekungamabele esibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini.
28Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukelayo kubantwana bakwaIsrayeli; niyakunikela kuAroni umpristi ngomnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.
29Kuzo zonke izipho zenu niyakunikela ngayo yonke iminikelo yokuphakanyiswa kuJehova, konke okuhle kwayo, inxenye yayo engcwelisiweyo.
30Ngalokho uyakusho kubo ukuthi: Nxa niphakamisa okuhle kwayo, kuyakubalelwa amaLevi njengokwanda kwesibuya nokwanda kwesikhamo sewayini.
31Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nabezindlu zenu, ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana.
32Aniyikuthwala-sono ngenxa yakho, lapho seniphakamisile okuhle kwakho, ningahlambalazi izinto ezingcwele zabantwana bakwaIsrayeli ukuba ningafi.