Imithetho yezindawo zezizwe ekamu* nasekuhambeni
1UJehova wakhuluma kuMose nakuAroni, wathi:
2Abantwana bakwaIsrayeli bayakumisa, kube-yilowo nalowo ngasebhaneleni* lakhe ngasezibonisweni zezindlu zawoyise; bayakumisa nxazonke maqondana netende lokuhlangana.
3Abamisa ngasempumalanga ngasekuphumeni kwelanga bayakuba-ngabebhanela* lekamu* lakwaJuda ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaJuda sibe-nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
4Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.
5Abamisa eceleni kwakhe bayakubayisizwe sakwaIsakare; isikhulu sabantwana bakwaIsakare siyakuba-nguNethaneli indodana kaSuwari;
6ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane;
7isizwe sakwaZebuloni: isikhulu sabantwana bakwaZebuloni siyakuba-nguEliyabe indodana kaHeloni;
8ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.
9Bonke ababalwayo bekamu lakwaJuda babeyizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesithupha namakhulu amane ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.
10Ibhanela* lekamu lakwaRubeni liyakuba-ngaseningizimu ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaRubeni siyakuba-nguElisuri indodana kaShedewuri;
11ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu ayisihlanu.
12Abamisa eceleni kwakhe bayakubayisizwe sakwaSimeyoni; isikhulu sabantwana bakwaSimeyoni siyakuba-nguShelumiyeli indodana kaSurishadayi;
13ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu;
14nesizwe sakwaGadi: isikhulu sabantwana bakwaGadi siyakuba-nguEliyasafa indodana kaRehuweli;
15ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu.
16Bonke ababalwayo bekamu lakwaRubeni babeyizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nanye namakhulu amane namashumi ayisihlanu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe-ngabesibili.
17Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi, liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube-yilowo nalowomuntu endaweni yakhe, ngamabhanela* abo.
18Ibhanela* lekamu lakwaEfrayimi liyakuba-ngasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaEfrayimi siyakuba-nguElishama indodana ka-Amihudi.
19Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
20Eceleni kwakhe kuyakuba-khona isizwe sakwaManase; isikhulu sabantwana bakwaManase siyakuba-nguGamaliyeli indodana kaPedasuri;
21ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili;
22nesizwe sakwaBenjamini: isikhulu sabantwana bakwaBenjamini siyakubanguAbidani indodana kaGideyoni;
23ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.
24Bonke ababalwayo bekamu lakwaEfrayimi babeyizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babengabesithathu.
25Ibhanela* lekamu lakwaDani liyakuba-ngasenyakatho ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba-nguAhiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.
27Abamisa eceleni kwakhe bayakubayisizwe sakwa-Asheri; isikhulu sabantwana bakwa-Asheri siyakuba-nguPagiyeli indodana kaOkirani;
28ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu;
29nesizwe sakwaNafetali: isikhulu sabantwana bakwaNafetali siyakuba-nguAhira indodana kaEnani;
30ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
31Bonke ababalwayo bekamu lakwaDani babeyizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu ayisithupha. Labo bayakusuka babe-ngabokugcina namabhanela* abo.
32Yilabo ababalwayo kubantwana bakwaIsrayeli ngezindlu zawoyise; bonke ababalwayo bamakamu ngamabandla abo babeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.
33Kepha amaLevi ayengabalwa phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.
34Benze njalo-ke abantwana bakwaIsrayeli; njengakho konke uJehova amyalé ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba-yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.