Isono sabakwaIsrayeli namadodakazi akwaMowabi
1UIsrayeli wahlala eShithimi; abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi,
2ngokuba babiza abantu ukuba beze emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo.
3UIsrayeli wazihlanganisa noBali-Peyori. Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela uIsrayeli.
4UJehova wathi kuMose: Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye kuIsrayeli.
5UMose wathi kubo abahluleli bakwaIsrayeli: Bulalani, kube-yilowo nalowo abantu bakhe abazihlanganisile noBali-Peyori.
6Bheka, umuntu wabantwana bakwaIsrayeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwaIsrayeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana.
7Esekubona uFinehasi kaEleyazare ka-Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe,
8wamlandela umuntu wakwaIsrayeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwaIsrayeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwaIsrayeli.
9Abafayo ngalesosifo babeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
10UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi:
11UFinehasi kaEleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwaIsrayeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwaIsrayeli ngomhawu wami.
12Ngalokho yisho ukuthi: Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula;
13siyakuba-kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwaIsrayeli ukubuyisana.
14Igama lendoda yakwaIsrayeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni.
15Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa lalinguKozibi indodakazi kaSuri owayeyinhloko yabantu bendlu kayise kwaMidiyani.
16UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
17Khathaza abakwaMidiyani, ubashaye,
18ngokuba bayanikhathaza nina ngamacebo abanikhohlisé ngawo endabeni kaPeyori nangendaba kaKozibi indodakazi yesikhulu sakwaMidiyani, udadewabo, owabulawa ngosuku lwesifo ngendaba kaPeyori.