Izindawo zokumisa ekuhambeni kukaIsrayeli, kusukela eGibithe kuze kufike eKhanani
1Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwaIsrayeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni.
2UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.
3Basuka eRamesesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwaIsrayeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe,
4abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo.
5Abantwana bakwaIsrayeli basuka-ke eRamesesi, bamisa eSukoti.
6Basuka eSukoti, bamisa e-Etamu eliseceleni kwehlane.
7Basuka e-Etamu, babuyela ePhi-Hahiroti elingaphambi kweBali-Sefoni; bamisa phambi kweMigidoli.
8Basuka eHahiroti, badabula phakathi kolwandle, baya ehlane, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane lase-Etamu, bamisa eMara.
9Basuka eMara, bafika e-Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona.
10Basuka e-Elimi, bamisa ngaseLwandle oluBomvu.
11Basuka eLwandle oluBomvu, bamisa ehlane laseSini.
12Basuka ehlane laseSini, bamisa eDofika.
13Basuka eDofika, bamisa eAlushi.
14Basuka eAlushi, bamisa eRefidimi, lapho kwakungekho-manzi khona ukuba abantu baphuze.
15Basuka eRefidimi, bamisa ehlane laseSinayi.
16Basuka ehlane laseSinayi, bamisa eKibiroti-Hathawa.
17Basuka eKibiroti-Hathawa, bamisa eHaseroti.
18Basuka eHaseroti, bamisa eRitima.
19Basuka eRitima, bamisa eRimoni-Pheresi.
20Basuka eRimoni-Pheresi, bamisa eLibina.
21Basuka eLibina, bamisa eRisa.
22Basuka eRisa, bamisa eKehelatha.
23Basuka eKehelatha, bamisa entabeni yaseSheferi.
24Basuka entabeni yaseSheferi, bamisa eHarada.
25Basuka eHarada, bamisa eMakeloti.
26Basuka eMakeloti, bamisa eTahati.
27Basuka eTahati, bamisa eThera.
28Basuka eThera, bamisa eMitika.
29Basuka eMitika, bamisa eHashimona.
30Basuka eHashimona, bamisa eMoseroti.
31Basuka eMoseroti, bamisa eBene-Jahakani.
32Basuka eBene-Jahakani, bamisa eHori-Hagidigadi.
33Basuka eHori-Hagidigadi, bamisa eJothabata.
34Basuka eJothabata, bamisa eAbrona.
35Basuka eAbrona, bamisa e-Esiyoni-Geberi.
36Basuka e-Esiyoni-Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi.
37Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwaEdomi.
38UAroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwaIsrayeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga.
39UAroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori.
40UmKhanani, inkosi yaseAradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwaIsrayeli.
41Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalimona.
42Basuka eSalimona, bamisa ePunoni.
43Basuka ePunoni, bamisa eOboti.
44Basuka eOboti, bamisa eIye-Abarimi emkhawulweni wakwaMowabi.
45Basuka eIyimi, bamisa eDiboni-Gadi.
46Basuka eDiboni-Gadi, bamisa eAlimoni-Dibilatayimi.
47Basuka eAlimoni-Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zaseAbarimi ngaphambi kweNebo.
48Basuka ezintabeni zaseAbarimi, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
49Bamisa ngaseJordani kusukela eBeti-Jeshimoti kuze kufike eAbela-Shithimi emathafeni akwaMowabi.
50UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:
51Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani,
52niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo,
53nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle.
54Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane; nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba-ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.
55Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba-njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo.
56Kuyakuthi njengalokho bengithi ngiyakwenza kubo, ngenze njalo nakini.