Isibingelelo
1UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi,
2nakuApifiya udadewethu, nakuArkiphu, ibutho kanye nathi, nakulo ibandla elisendlini yakho:
3Makube-kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
UPawulu ubabaza ukukholwa kukaFilemoni
4Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami,
5uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele,
6ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube-nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu,
7ngokuba nginokuthokoza okukhulu nenduduzo ngothando lwakho, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zihlunyelelwe ngawe-mzalwane.
UPawulu ukhulumela uOnesimu
8Ngalokho noma nginesibindi esikhulu kuKristu sokuba ngikuyale ngakho okufaneleyo,
9nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje minaPawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu,
10ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, uOnesimu;
11okade engenalusizo kuwe, kepha kalokhu unosizo nakuwe nakimi,
12engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami,
13ebengifuna ukumbamba ahlale kimi, ukuze angikhonze esikhundleni sakho ngisekuboshweni ngenxa yevangeli;
14kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza-lutho, ukuze umusa wakho ungabi-ngokucindezelwa, kodwa ube-ngesihle.
15Ngokuba mhlawumbe kungenxa yalokho ukuba ahlukaniswe nawe isikhashana, ukuze abe-ngowakho kuze kube-phakade,
16angabi esaba-njengesigqila, kodwa abe-ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.
17Ngakho uma uthi ngingumhlanganyeli nawe, mamukele ngokungathi yimi.
18Kodwa uma ekonile ngento, noma enecala kuwe, lokho kubalele kimi;
19mina-Pawulu ngikuloba ngesandla sami, ngiyakukukhokha ukuba ngingaze ngisho kuwe ukuthi nawe unecala kimi elinguwe uqobo.
20Yebo, mzalwane, mangithokoziswe nguwe eNkosini, uyihlumelele inhliziyo yami kuKristu.
Isigcino
21Ngikulobele ngokwethemba ukulalela kwakho, ngazi ukuthi uzakwenza nokungaphezu kwengikushoyo.
22Futhi-ke wongilungisela nami indawo; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina.
23Uyakhonza kuwe uEphafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu,
24noMarku, noAristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.
25Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube-nomoya wenu.