Iziluleko zokuqina nokuzwana ekukholweni, nokuthokoza eNkosini
1Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.
2Ngiyamyala uEvodiya, ngiyamyala noSintike ukuba babe-nokuqonda kunye eNkosini.
3Yebo, ngiyakunxusa nawe-mana wami oqotho, yelekelela labobesifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.
4Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani.
5Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.
6Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
7Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
8Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;
9enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakubanani.
UPawulu ubonga isipho abasithumele kuye eRoma
10Kepha-ke ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senizé navuselela ukunginakekela kwenu; beninginakekela kambe, kepha anibanga-nathuba.
11Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.
12Ngiyakwazi ukuba-phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.
13Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.
14Nokho nenzé kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami.
15Niyazi nani nina-baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho-bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa,
16ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ngokuswela kwami.
17Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina.
18Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe nguEphafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.
19UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.
20KuNkulunkulu noBaba wethu makube-ludumo kuze kube-phakade naphakade. Amen.
Isigcino
21Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bakhonza kinina.
22Abangcwele bonke bayakhonza kini, ikakhulu abendlu kaKesari.
23Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube-nomoya wenu.