1Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi;
uyayiphendulela lapho ethanda khona.
2Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,
kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.
3Ukwenza ukulunga nokwahlulela
kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.
4Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo,
isibani sababi, kuyisono.
5Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni,
kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.
6Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga
kuyize elizulazuliswa, nezingibe zokufa.
7Ukuchitha kwababi kuyabaqothula,
ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.
8Indlela yothweswé icala iyinsongensonge,
kepha ohlanzekileyo, isenzo sakhe silungile.
9Kungcono ukuhlala egumbini lophahla
kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.
10Umphefumulo womubi ufisa okubi;
umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.
11Lapho isideleli sihlawuliswa, ongenalwazi uyahlakanipha,
nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uyathola ukwazi.
12Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi;
ababi bayachithelwa ebubini.
13Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu
naye uyakukhala angaphendulwa.
14Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka,
nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.
15Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela,
kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.
16Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha
uyakuphumula ebandleni lezithunzi.
17Othanda injabulo uyakuba-mpofu,
nothanda iwayini namafutha kayikuceba.
18Omubi uyihlawulo lolungileyo,
nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.
19Kungcono ukuhlala ezweni lasehlane
kunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.
20Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo,
kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.
21Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.
22Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe,
awise phansi inqaba ayethembayo wona.
23Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe
ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.
24Ozidlayo nozigabisayo, yisideleli igama lakhe,
yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.
25Isifiso sevila siyalibulala,
ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.
26Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,
kepha olungileyo uyaphana engancishi.
27Umhlatshelo wababi uyisinengiso;
kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.
28Ufakazi wamanga uyabhujiswa,
kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.
29Umuntu omubi uyenza-lukhuni ubuso bakhe,
kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.
30Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda,
nesiluleko, okungamelana noJehova.
31Ihashi lilungiselwa usuku lokulwa,
kepha ukusindiswa kungokukaJehova.