Ukuhlubuka kukaIsrayeli nokuthembeka kukaJehova
1Haleluya!
Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova,
azwakalise lonke udumo lwakhe, na?
3Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe,
owenza ukulunga ngezikhathi zonke.
4Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho,
ungihambele ngensindiso yakho,
5ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho,
ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho,
ngizibonge kanye nefa lakho.
6Sonile kanye nawobaba;
senzile okubi, sonakala.
7Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe,
abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa;
bahlubuka ngaselwandle, uLwandle oluBomvu.
8Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe,
ukuze abonakalise amandla akhe.
9Wakhuza uLwandle oluBomvu, lwasha;
wabaholela ekujuleni njengasehlane.
10Wabasindisa esandleni sabazondayo,
wabakhulula esandleni sesitha.
11Amanzi asibekela izitha zabo;
akwasala noyedwa kubo.
12Khona bakholwa ngamazwi akhe,
bahlabelela udumo lwakhe.
13Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe,
abalindelanga isiluleko sakhe.
14Bahaha nokuhaha ehlane,
bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.
15Wabanika abakufisayo,
kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.
16Baba-nomhawu ngoMose ekamu*,
nangoAroni ongcwele kaJehova.
17Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani,
wagqiba iviyo lika-Abiramu.
18Kokheleka umlilo eviyweni labo;
ilangabi lashisa laqeda ababi.
19Benza ithole eHorebe;
bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.
20Baguqula kanjalo inkazimulo yabo,
yaba-njengenkabi edla utshani.
21Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo
owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,
22izimangaliso ezweni likaHamu
nokwesabekayo ngaseLwandle oluBomvu.
23Wathi ubezakubabhubhisa,
uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela,
ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.
24Badelela izwe elihle,
babengakholwa yizwi lakhe.
25Bakhonona besematendeni abo;
babengalaleli izwi likaJehova.
26Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo
ukuba abawise ehlane,
27awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe,
abahlakaze emazweni.
28Bazihlanganisa noBali-Peyori,
badla okuhlatshelwe abafileyo.
29Bamcunula ngezenzo zabo;
kwabhoboka isifo phakathi kwabo.
30Wayesesuka uFinehasi, wahlulela;
saphela isifo;
31lokhu wakubalelwa njengokulunga
ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube-phakade.
32Bamcunula ngasemanzini aseMeriba;
kwaba-kubi kuMose ngenxa yabo.
33Ngokuba baphambana noMoya wakhe;
wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.
34Abababhubhisanga abantu
uJehova abayaleza ngabo,
35kepha bahlangana nabezizwe,
bafunda imisebenzi yabo.
36Bakhonza izithombe zabo,
zaba-lugibe kubo.
37Amadodana namadodakazi abo
bawahlabela amademoni.
38Bachitha igazi elingenacala,
igazi lamadodana abo namadodakazi abo
abawahlabela izithombe zaseKhanani;
izwe langcoliswa yigazi.
39Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo,
baphinga ezenzweni zabo.
40Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe;
ifa lakhe laba-yisinengiso kuye.
41Wabanikela esandleni sabezizwe;
ababazondayo bababusa.
42Izitha zabo zabacindezela,
bathotshiswa phansi kwesandla sazo.
43Kaningi wabakhulula;
kepha bahlubuka ngecebo labo,
bawiswa phansi ngobubi babo.
44Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo,
esezwile ukukhala kwabo.
45Wabakhumbulela isivumelwano sakhe;
waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.
46Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke
ababebathumbile.
47Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu,
sibuthe kwabezizwe
ukuba sidumise igama lakho elingcwele,
sethabe ekukudumiseni.
48Makabongwe uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli
kusukela phakade kuze kube-phakade.
Abantu bonke mabathi: Amen.
Haleluya!