Umkhuleko wokunqoba izitha
Igama; ihubo likaDavide
1Inhliziyo yami iduduzekile, Nkulunkulu;
ngizakuhlabelela, ngihube, ngisho nomphefumulo wami.
2Vukani, lugubhu nehabhu*!
Ngizakuvusa ukusa.
3Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,
ngikudumise phakathi kwezizwe.
4Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwezulu,
nokuthembeka kwakho kuze kube-semafwini.
5Phakama, Nkulunkulu, phezu kwezulu,
inkazimulo yakho ibe-phezu komhlaba wonke.
6Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,
sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.
7UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi:
Ngiyakwethaba;
ngiyakulidabula iShekemi,
ngisilinganise isiGodi saseSukoti.
8Ngowami uGileyadi, ngowami uManase;
uEfrayimi uyisivikelo sekhanda lami,
uJuda uyintonga yami yokubusa.
9UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela;
phezu kukaEdomi ngiphonsa isicathulo sami;
phezu kweFilistiya ngiyethaba.
10Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na?
Ngubani oyakungiholela kwaEdomi na?
11Akusiwena-Nkulunkulu osilahlileyo na?
Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.
12Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni,
ngokuba ukusiza komuntu kuyize.
13NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla;
yena uyakunyathela phansi izitha zethu.