Ubukhulu nobumnene bukaJehova
Indumiso kaDavide
1Ngiyakukuphakamisa wena-Nkulunkulu wami, Nkosi,
ngilituse igama lakho phakade naphakade.
2Imihla yonke ngiyakukubonga,
ngilidumise igama lakho phakade naphakade.
3Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;
ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.
4Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho,
simemezele izenzo zakho zamandla.
5Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho
nangezimangaliso zakho.
6Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo;
ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.
7Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu,
bahube ngokulunga kwakho.
8UJehova unesihe nobumnene;
uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa.
9UJehova muhle kubo bonke;
uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.
10Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa,
abangcwele bakho bakubonge.
11Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma,
bashumayele ngamandla akho
12ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla
nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.
13Umbuso wakho ungumbuso kuze kube-phakade;
ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.
14UJehova uyaphasa bonke abawayo,
abavuse bonke abathotshisiweyo.
15Amehlo abo bonke alinda wena;
uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.
16Uyavula isandla sakho,
usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.
17UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,
unomusa emisebenzini yakhe yonke.
18UJehova useduze nabo bonke abambizayo,
bonke abambizayo ngeqiniso.
19Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo;
uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.
20UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo,
kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.
21Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova,
inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube-phakade.