Izulu nomhlaba makudumise uJehova
1Haleluya!
Dumisani uJehova ezulwini,
nimdumise kweliphezulu.
2Mdumiseni nina-zingelosi zakhe zonke,
nimdumise nina-mabandla akhe onke.
3Mdumiseni nina-langa nenyanga,
nimdumise nina-zinkanyezi zonke ezikhanyayo.
4Mdumiseni nina-mazulu amazulu,
nina-manzi aphezu kwezulu.
5Makuthathe kudumise igama likaJehova,
ngokuba wayaleza, kwadaleka.
6Futhi wakumisa kuze kube-phakade;
washaya umthetho ongenakweqiwa.
7Mdumiseni uJehova emhlabeni
nina-mikhomo nezintwa zonke,
8nawe-mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane,
nawe-siphepho esenza okwezwi lakhe,
9nani-zintaba namagquma onke,
nani-mithi ethelayo nayo yonke imisedari*,
10nani-zilwane nezinkomo zonke,
nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,
11nani-makhosi omhlaba nabantu bonke,
nani-zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,
12nani-zinsizwa nezintombi,
nani-maxhegu nabafana.
13Mabadumise igama likaJehova,
ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme;
inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
14Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe;
ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe,
abantwana bakwaIsrayeli, abantu abaseduze naye.
Haleluya!