AbakwaIsrayeli bambonga uNkulunkulu ngokusinda kwenkosi yabo
Kumholi wokuhlabelela; ihubo likaDavide
1Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho;
iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.
2Uyinikile njengokwenhliziyo yayo,
nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela*.
3Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle;
wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.
4Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona,
izinsuku ezinde kuze kube-phakade naphakade.
5Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho;
udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.
6Ngokuba uyibeka ukuba ibe-yisibusiso kuze kube-phakade;
uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.
7Ngokuba inkosi iyethemba uJehova,
nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.
8Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho;
esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.
9Uyakubenza babe-njengesithando somlilo,
nxa ubonakalisa ubuso bakho;
uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe,
umlilo uyakubaqeda.
10Isithelo sabo uyakusichitha emhlabeni
kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.
11Ngokuba babehlosa okubi, baceba icebo;
kepha bayahluleka.
12Ngokuba uyakubafulathelisa;
ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.
13Mawuphakame, Jehova, emandleni akho;
thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.