Ukubonga kosindisiweyo ekufeni
Ihubo; igama lokuvula indlu; elikaDavide
1Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile;
awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.
2Jehova Nkulunkulu wami,
ngakhala kuwe, wangiphilisa.
3Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo,
wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.
4Dumisani uJehova nina enimkhonzayo,
nibonge igama lakhe elingcwele.
5Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba-ngokomzuzwana nje,
umusa wakhe uba-ngowokuphila konke;
kusihlwa kungena ukukhala,
ekuseni ukujabula.
6Mina ngithé ekubuseni kwami:
Angisoze nganyakaziswa naphakade.
7Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami;
wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela.
8Ngakhala kuwe-Jehova;
nganxusa kuJehova, ngathi:
9Kukhona-nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na?
Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?
10Yizwa, Jehova, ube-nomusa kimi;
Jehova, yiba-ngumsizi wami.
11Waphendula ukukhala kwami kwabangukusina;
wangikhumula izingubo zami zokulila,
wangembathisa ukujabula,
12ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli;
Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube-phakade.