Ukubonga umusa kaNkulunkulu
ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka
1Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;
ukudunyiswa kwakhe kuyakuba-semlonyeni wami njalonjalo.
2Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova;
abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.
3Mtuseni uJehova kanye nami,
siphakamise igama lakhe kanyekanye.
4Ngamfuna uJehova, wangiphendula;
wangikhulula kulo lonke uvalo lami.
5Babheka kuye phezulu, bakhanya;
ubuso babo abusoze bajabha.
6Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.
7Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.
8Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
ubusisiwe lowomuntu ophephela kuye.
9Mesabeni uJehova nina-bangcwele bakhe,
ngokuba abasweli-lutho abamesabayo.
10Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,
kepha abafuna uJehova abayikuswelalutho oluhle.
11Zanini, bantwana, ningilalele;
ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.
12Ngumuphi umuntu othanda ukuphila,
ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?
13Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.
14Deda kukho okubi, wenze okuhle;
funa ukuthula, ukujonge.
15Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;
izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.
16Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi
ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
17Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
18UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
19Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
20Uyawagcina onke amathambo akhe;
alaphulwa nelilodwa kuwo.
21Okubi kuyakumbulala omubi;
abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.
22UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
akakho kwabamethembayo oyakubanecala.