Ububi babantu nomusa kaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela; elikaDavide, inceku kaJehova
1Inkulumo yesiphambeko komubi, isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi:
Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.
2Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe,
ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho.
3Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso;
ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.
4Uceba okubi ecansini lakhe,
uzimisa endleleni engalungile;
okubi kakwenyanyi.
5Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini,
nokuthembeka kwakho kuze kube-semafwini.
6Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi,
ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu;
usindisa abantu nezilwane, Jehova.
7Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka;
abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.
8Bayakusutha ngamanoni endlu yakho,
ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.
9Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila;
ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.
10Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo,
nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.
11Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli;
nesandla somubi masingangixoshi.
12Bheka, bawile abenza okubi;
bawiswé phansi, abasenakuvuka.