Ubuze benhlanhla yababi
Kumholi wokuhlabelela; elamadodana kaKora; ihubo
1Yizwani lokhu nonke nina-bantu;
bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,
2abantukazana nezikhulu,
abacebileyo nabampofu.
3Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha,
ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba-ngokokuqonda.
4Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga,
ngiphenye imfumbe yami ngehabhu*.
5Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi,
lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,
6labo abathemba imfuyo yabo
bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?
7Umuntu angemhlenge umfowabo,
angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.
8Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu;
akunakuphela nanini
9ukuba aphile njalo,
angaboni ukubola.
10Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa
nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha,
imfuyo yabo bayishiyele abanye.
11Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube-phakade,
nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane;
amazwe abo bawabiza ngamagama abo.
12Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma;
ufana nezilwane ezibhubhayo.
13Lendlela yabo ingubuwula babo,
balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela*.
14Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu;
ukufa kuyakubalusa,
abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa,
isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo,
bangabe besaba-nandlu.
15Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami
esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela*.
16Ungesabi, nxa umuntu eceba,
nxa ubukhosi bendlu yakhe banda.
17Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha-lutho;
ubukhosi bakhe abuyikwehla naye.
18Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila,
futhi abantu bekudumisa, ngokuba uzondlé kahle,
19nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise;
abayikukubona ukukhanya naphakade.
20Umuntu onodumo engenakuqonda
unjengezilwane ezibhubhayo.