AMAHUBO 53
Ukukhala ngobuwula nobubi babantu
Kumholi wokuhlabelela; ngeMahalati*; iMaskili* likaDavide
1Isiwula sithi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu;
iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka;
akakho owenza okuhle.
2UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu
ukubona uma kukhona yini onokuqonda,
ofuna uNkulunkulu.
3Baphambukile bonke, bonakele bonke;
akakho owenza okuhle,
akakho noyedwa.
4Abanakwazi yini abenza okubi,
abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa,
bengakhuleki kuNkulunkulu.
5Besaba nokwesaba,
lapho kungekho okwesabisayo;
ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe;
wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.
6Sengathi kungavela ukusindiswa kukaIsrayeli eSiyoni.
Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe,
uJakobe ethabe, uIsrayeli ajabule.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.