Ukudunyiswa kukaNkulunkulu yizizwe zonke
1Hlabelelani kuJehova ihubo elisha,
nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke.
2Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe,
nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
3Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,
izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
4Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu;
uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
5Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,
kepha uJehova walenza izulu.
6Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;
amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.
7Mnikeni uJehova nina-mindeni yabantu,
mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
8Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,
nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.
9Khulekani kuJehova, nihlobe ubungcwele;
thuthumela ebusweni bakhe, mhlaba wonke.
10Thanini phakathi kwabezizwe: UJehova uyinkosi;
izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa;
uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.
11Malijabule izulu, umhlaba uthokoze;
maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.
12Mawename amasimu nakho konke okukuwo,
ijabule imithi yonke yehlathi
13ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza,
yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba;
uyakwahlulela izwe ngokulunga,
nezizwe ngokuthembeka kwakhe.