AMAHUBO 99
UNkulunkulu ungoNgcwele
1UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu;
uhlezi phezu kwamakherubi*; mawuzamazame umhlaba.
2UJehova mkhulu eSiyoni,
uphakeme phezu kwezizwe zonke.
3Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo;
ungcwele yena.
4Amandla eNkosi athanda okulungileyo,
umisile ubuqotho;
ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.
5Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu,
nikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe;
ungcwele yena.
6OMose noAroni babephakathi kwabapristi bakhe;
uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe.
Bakhuleka kuJehova, yena waphendula.
7Wakhuluma kubo esensikeni yefu;
bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.
8Jehova Nkulunkulu wethu, wena ubaphendulile,
waba-kubo uNkulunkulu othethelelayo
nophindiselayo ngezenzo zabo.
9Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu,
nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele,
ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.