UJohane uyatshelwa ukulinganisa ithempeli likaNkulunkulu. Ofakazi ababili bakaNkulunkulu
1Nganikwa uhlanga lufana nenduku, kwathiwa: Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, nealtare, nabakhulekayo kulo.
2Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwé izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.
3Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.
4Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.
5Uma kukhona ofuna ukona laba, kuphuma umlilo emlonyeni wabo, udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba, kumelwe ukuba abulawe kanjalo.
6Banamandla laba okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula igazi nawokushaya umhlaba ngezinhlupho zonke, noma kungaba-kangaki ngokuthanda kwabo.
7Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.
8Nezidumbu zabo ziyakusala ezitaladini zomuzi omkhulu othiwa ngokomoya iSodoma neGibithe, lapho neNkosi yabo yabethelwa khona.
9Abanye kubantu nabemindeni nabezilimi nabezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bengavumi ukuba izidumbu zabo zifakwe ethuneni.
10Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba lababaprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.
11Kwathi emva kwalezozinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo, nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu.
12Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: Yenyukelani lapha. Base benyukela ezulwini ngefu, nezitha zabo zababona.
13Ngalelohora kwaba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.
14Kwadlula uMaye wesibili; bheka, uMaye wesithathu uyeza masinyane.
Icilongo lesikhombisa
15Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba-khona amazwi amakhulu ezulwini athi:
Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube-phakade naphakade.
16Namalunga angamashumi amabili nane ahlezi phambi kukaNkulunkulu ezihlalweni zawo zobukhosi akhothama ngobuso bawo, akhuleka kuNkulunkulu,
17ethi: Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, okhona nowawukhona, ngokuba uthabathé amandla akho amakhulu, wabusa;
18nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.
19Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba-khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.